BASABISA ngokumisa nse ukusebenza kukaMasipala waseMvoti abafuna kukhishwe iMeya yalo mkhandlu, uMnuz Philani Mavundla.
Ababhikishi abafuna kukhishwe uMavundla basonga ngokuthi bazophazamisa ukusebenza koMasipala waseMvoti uma uMavundla engehli esikhundleni ezinsukwini eziyisikhombisa abamnqumele zona.
Laba babhikishi okukhona kubo abebefake izikibha zamaqembu ezepolitiki i-IFP, ANC, ABC neNFP, bamashele emahhovisi oMasipala waseMvoti ngoLwesibili, lapho befike banqumela uMavundla ugwayi katiki.
UMavundla, ongumengameli we-ABC, ungene kulesi sikhundla ngoJuni, kulandela ukukhishwa kobuholi be-IFP.
Kungokwesibili eba yimeya kulo mkhandlu njengoba ayewuphethe ngo-2011, ngesikhathi esekwi-ANC.
Ababhikishi bathe bafuna enye imeya, bathi bazoyamukela noma ngabe iqhamuka kuliphi iqembu lezepolitiki, inqobo uma kungasiyena uMavundla.
Ilungu lomphakathi elethule uhlu lwezikhalazo, uMnuz Shlangu Ntuli, lithe kusukela kungene uMavundla, ziningi izinto esezishintshile.
UNtuli uthe uMavundla ufike kwamasipala wamisa uhlelo lapho umasipala ubunikeza ama-voucher okudla imindeni eshonelwe.
“Lolu uhlelo obeluyisiza kakhulu imindeni ehlwempu, kuthiwa oyimeya ufike wakumisa lokhu. Uphinde wamisa nanogandaganda obuwelekelela imindeni eshonelwe ukumba imigodi ezindaweni lapho khona kunamatshe.”
UNtuli uthe kusukela uMavundla engenile esikhundleni baningi abasebenzi bakamasipala asebexoshiwe.
Ukhale nangokuthi uMavundla ufike wamiswa ukuxhaswa kweqembu lebhola elidlala esigabeni i-ABC Motsepe Foundation, uMvoti FC.
UMavundla uthe angeke ehle esikhundleni.
“Ngicela ukusho izwe lizwa ukuthi angeke ngehle esikhundleni. Indlela yokukhipha umuntu esikhundleni ukuthi kube nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bomuntu, bese leso siphakamiso sesekelwa iningi lamakhansela.”
Odabeni lokumiswa kokuxhaswa kwabashonelwe, uMavundla uthe basafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngabe lolu hlelo lusiza abantu abahlwempu ngempela yini.
“Odabeni lukagandaganda, mina ngazi ukuthi izinsizwa yizo ezimba ithuna. Kunganzima ukuthi sithumele ugandaganda kuyo yonke imizi esuke ingcwaba ngoba umasipala wethu mkhulu kakhulu.”
UMavundla uthe udaba lokuxhaswa koMvoti FC lusacutshungulwa ngabameli bomkhandlu.