ABAZALI bezingane ezifunda eDloko High, kwa-J eMlaza, eningizimu yeTheku, basabisa ngokusivala thaqa lesi sikole uma ingalungiswa inkinga yokushoda kothisha, eyenza ukufunda kube nzima ezinganeni zabo.
Abazali izolo bebebhikisha ngaphandle kwamahhovisi omhloli wezikole zakuleli lokishi esigcemeni sakwa-U, eMlaza, lapho behlanganele khona beyozwakalisa ukukhala kwabo ngale nkinga.
Omunye wabazali abebeyingxenye yombhikisho, uNksz Phindile Khumalo, uthe okwenze basukuma wukuthi kubaphatha kabi ukuthi izingane zabo kuyenzeka kuze kuphele usuku lonke zisafunde isifundo esisodwa, noma zibuye zingafundanga lutho ngenxa yokushoda kothisha.
“Sikhathazeke kakhulu ngezingane zethu ezifunda u-matric okufanele ngabe zicijelwa izivivinyo zokuqala zonyaka, kodwa akwenzeki kahle ngoba isikole sishoda ngothisha.
“Sila namuhla (esho izolo) ngoba sake sazama ukukhuluma nomhloli uMnuz Mngadi ngalolu daba phambilini, wathembisa ukululungisa, kodwa kuze kube yimanje lutho umehluko,” kukhononda uNksz Khumalo.
Eqhuba, uthe uma kuqhutshekwa ishaywa indiva le ndaba, bazophoqeleka ukuvala isikole kuze kube wukuthi kwandiswa isibalo sothisha esikoleni ukusiza izingane zabo zifunde ngendlela ejwayelekile.
“Sifisa kubuyiswe othisha abawu-8 abakhishwa esikoleni, okuyikho okwenza kushode - bese kwengezwa ngabanye ukuze izingane zethu zifunde,” kusho uNksz Khumalo.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bebengazi lutho ngalolu daba, kodwa wathembisa ukwazisa abamphethe ukuze kulungiswe isimo.