UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ugxeke labo abangabuthembi ubuholi bukaMnuz DD Mabuza njengoba kufanele athathe izintambo uma kungukuthi uRamaphosa uyachithwa kwesokwengamela iNingizimu Afrika.
“NIMSABANI uMnuz DD Mabuza? Yini le anenza yona njengoba ningafuni abe wumengameli?” kubuza uJulius Malema, ekhwela edilika kulaba abathi uMabuza ungumbulali.
UMalema uthi nimsola ngokuba wumbulali, kodwa akukho nokukodwa okuke kwavela okungubufakazi balezo zinsolo.
“Uma nithi ungumbulali pho kungani nivumile ukuthi abe yiphini likamengameli? Nisho ukuthi iHhovisi lePhini likaMengameli lingcole ngaleyo ndlela ukuthi anikwazi ukumbona engena ezinyathelweni zikamengameli?” kubuza uMalema.
Lo mholi ubambe isithangami sabezindaba eGoli, ephawula ngokwenzeka ePhalamende nangodaba lokwebiwa kwemali engama-dollar epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, iPhala Phala.
UMalema uthe uRamaphosa wayekhankasa ngokuthi uzolwa nenkohlakalo nalabo abasolwa ngayo kodwa wakwazi ukuthatha abantu abafana noGwede Mantashe, abazivumela ngokwabo ukuthi bazuza enkohlakalweni yeBusasa ngokufakelwa amakhamera emzini wakhe.
“Namuhla abezindaba bancoma uMantashe ngokuthi ulwa nezigebengu ezilwa noRamaphosa. Yinina enisho lokho ngomuntu owazivumela ngokwakhe ukuthi wadla enkohlakalweni. NoNomvula Mokonyane naye wavuma ukuthi wazidla izinkukhu zeBusasa, kodwa anithi vu ngalokho, nithule, nisibelesela ngodaba lweDigital Vibes olungenasisindo niyeka lolu olunobufakazi.”
UMalema uthi abantu abakulindele ukuthi kuzoshaya uKhisimusi uDavid Mabuza esengumengameli wezwe.
Uqhubeke wathi usithokozele isinqumo sikaSomlomo wePhalamende sokunqaba ukuthi ivoti lokuchithwa kukamengameli libe yimfihlo.
Uthi baningi abaholi be-ANC abaphumele obala ngokuthi uRamaphosa akaphume, lokho sifuna ukukubona ngamehlo bangacashi ngevoti eliyimfihlo.