KWELULEKWA abantu ukuba baqaphele ngenxa yokuhlasela kukamalaleveva osudlule nemiphefumulo yabantu nonyaka.
Ngombiko odalulwe wuMnyango wezeMpilo eGauteng, zingu-10 iziguli ezibulawe wumalaleveva eGauteng, phakathi kukaFebhuwari, noSepthemba nonyaka.
Umnyango uthe kulezi zinyanga zingaphezulu kuka-1000 iziguli ezihaqwe yisifo esifundazwe kepha sekushone ezingu-10 kuphela.
UMnuz Motalatale Modiba okhulumela uMnyango wezeMpilo eGauteng, uthe iningi leziguli elibulewe wumalaleveva belike lavakashela emazweni anjengoMozambique, e-Ethopia, eNigeria, eZimbabwe, eZambia noma e-Angola.
Uqhube wathi iziguli eziningi bezifika ezikhungweni zezempilo sekunesikhathi eside zihaqekile, isifo sesihambe kakhulu egazini.
Umnyango wezeMpilo eGauteng ukhiphe umbiko ngoMsombuluko, uhambisana nokuthi wusuku lokuqwashisa nokufundisa ngomalaleveva, iMalaria Day.
“Isifundazwe sethu sinabantu abaningi abahambela emazweni ase-Afrika eseningizimu, kulawo mazwe kukhona abantu abaningi abahaqwe wumalaleveva. Ngakho nathi kubalulekile ukuthi sibe nezinhlelo zokuqwashisa ngesifo. Sizozama ukuqinisa izinhlelo zethu zokuqwashisa ngalesi sifo,” kuchaza uModiba.
Ngenyanga edlule inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), iphakamise ukuthi umgomo iR21/Matrix-M osanda kusungulwa usetshenziswe ezinganeni ezinezinyanga ezinhlanu kuya kwezingu-36, ukuze kugwenywe ukufa kwezingane zibulawa wumalaleveva.
UMqondisi weWHO, uDkt Tedros Ghebreyesus, uthe umgomo uzokwenza umehluko omkhulu ezigulini ezisebenzisa izikhungo zezempilo zikahulumeni.