BEKUNGAPHELI ukuqophisana ngamazwi phakathi kukafakazi woMbuso, uMnuz Tumelo Madlala, nommeli womsolwa wokuqala kuya kowesine, u-Advocate TT Thobane izolo njengoba bekuqhubeka ukulalelwa kwecala lokubulawa kwalowo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
UMadlala ongowokuzalwa eMlaza, owayengumngani omkhulu kaMeyiwa, izolo uqhubekile nokuphekwa ngemibuzo wuThobane ngaphambi kweJaji uTshifhiwa Maumela eNkantolo eNkulu ,iNorth Gauteng.
Ukuqophisana ngamazwi okuningi phakathi kwabo bekubonakala uma uMadlala ebuzwa ukuthi izigameko ezithile zenzeka nini. UThobane ubuze uMadlala ukuthi uyakhumbula yini ukuthi wathi isigameko senzeka ngesikhathi bebuka umdlalo webhola, uMadlala uthe akasakhumbuli.
“Ngokwakho izigebengu zangena ngesikhathi nibuka ibhola,” kusho uThobane. UMadlala uphendule ngokuthi: “Ngokwenzeka, hhayi ngokwami.”
UThobane noMadlala baphinde bangena kwenye impikiswano bebanga igama elithi “emva kwesikhashana”. UThobane ukhumbuze uMadlala ukuthi phambilini ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe watshela inkantolo ukuthi izigebengu zangena emva kwesikhashana beqale ukubuka ibhola kodwa muva nje useyashintsha uthi zangena emva kwesikhashana kuphele ibhola.
UMadlala ubhokele uThobane wathi:“Akufanele ungifake amagama emlonyeni. Angithi wena uthi kwakunebhola elalidlala ngalolo suku kodwa wena wawungekho endlini,” kusho uTumelo. Uqhube wathi yena wasebenzisa igama elithi emva kwesikhashana ngoba wayengakwazi ukusho isikhathi esiqondile okwenzeka ngaso izigameko ngoba akayena umuntu ovame ukuqaphela isikhathi.
Uphinde wathi akasasikhumbuli isikhathi ngesikhathi uThobane embuza ukuthi wasuka ngasikhathisini eThekwini eya eGoli ngosuku lwesigameko. UThobane uveze ukuthi ngokwesinye sezitatimende ezenziwa wuMadlala emaphoyiseni waveza ukuthi wathola u-lift komunye wesifazane ukuya eGoli owambiza imali engaphansi kwaleyo ekhokhwa ebhasini. Uthe wavuma ukugibela ngoba wathola ukuthi alisekho ibhasi lika-9 elalizosuka eThekwini liya eGoli.
UThobane ukhombise ukumangala ukuthi uMadlala nakuba abalula u-9 esitatimendeni sakhe asenza emaphoyiseni kodwa uyahluleka wukuhlawumbisela ekutheni yisikhathisini asuka ngaso eThekwini eya eGoli.
Baphinde baphikisana ngobufakazi obumayelana nalowo owayebambe inxeba likaSenzo ngendwangu ukuthi kwakungu ubani. UThobane uveze ukuthi ngesikhathi uMadlala elokhu egcizelela ukuthi nguye owayebambe inxeba ngendwangu, kukhona omunye ufakazi ozoza ngaphambi kwenkantolo azokwethula ubufakazi bokuthi wuye owenza lokho. UMadlala uthe akeze phela lowofakazi enkantolo ngoba naye usenkantolo njengamanje uzokwethula obakhe ubufakazi obuqondene naye.
Ebuzwa ngendwangu ukuthi yaphelelaphi, uthe akazi, wengeza ngokuthi yena ayekukhathalele ngaleso sikhathi kwakungukuthi uSenzo athole usizo hhayi ukunaka ukuthi indwangu iphelelaphi. Uphinde wayalela uThobane ukuthi aye kwabakwaNetflix ayobabuza yena ukuthi yimalini abamnika yona ngesikhathi ebuzwa ukuthi yimalini ayithola ngezithombe zikaSenzo athi kwakungezakhe, nangokuchitha isikhathi sakhe exoxa nabo ngoSenzo.
Lokhu kulandela ukuthi ethe akasakhumbuli ukuthi yimalini ayithola. Wathi akasakhumbuli kodwa amaphepha achaza inani lemali owayithola, uphinde waveza ukuthi nakwiselula yakhe, lolu lwazi lukhona.
Ngaphambi kwalokho inkantolo izwe ukuthi ummeli kaKelly Khumalo, uMagdalene Moonsamy ubhalele uMaumela incwadi emcela ukuthi amvumele ukuthi abuye azohlala ngaphakathi enkantolo njengoba kuqhubeka ukulalelwa kwecala. Abameli babasolwa bobabili, uThobane no-Adv Zandile Mshololo, omele umsolwa wesihlanu basichithile isicelo. Ngesikhathi benza izethulo zabo ngokudedelana bathe uMoonsamy njengomuntu osenesikhathi ekwezomthetho kufanele kungabe uyazi ukuthi le nto ayicelayo kayivumelekile.
Leli cala liyabuyela enkantolo namuhla