Kuxwayiswa umphakathi ngogalakajane okuthiwa baqola umphakathi imali besebenzisa igama likaNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu futhi ongumengameli we-IFP.
Kuvela ukuthi inombolo yocingo kaMnuz Velenkosini Hlabisa isisezandleni zezigilamkhuba.
Labantu kuthiwa baqale ngokuthi bagqekeze inombolo yocingo kaHlabisa.
Kabagcinanga lapho njengoba kubikwa ukuthi manje sebeyayisebenzisa bathumela ngayo imiqhafazo abanenombolo kaHlabisa nabanye bacela imali.
Okhulumela uMnyango uMnuz Legadimo Leso, uthe lokhu abakubona kwenzeka manje kubaphithanisela ngamakhanda.
“Akugcini nje ngokuthi kuthikameze uhlelo lwezokuphepha lukangqongqoshe, kuphinde kwehlise ukuthembeka akuthola emphakathini,” kusho uLeso.
ULeso uqhube wathi umnyango ucela amalungu omphakathi ukuthi ahlale eqaphile. Uveze ukuthi uma kwenzeka kukhona umuntu othola umqhafazo womuntu ozishaya sangqogqoshe ocela imali noma ngabe yini ephathelene nayo angakwenzi lokho.
UHlabisa ufungiswe ngenyanga eyedlule waba ungqongqoshe walo mnyango ngaphansi kukahulumeni wokubambisana.
Ungene kulesi sikhundla ebesikade senganyelwe uNkk Thembi Nkadimeng osenguNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.
ULeso uthe ihhovisi likaHlabisa nokubambisana nabezophiko lezokuvikela bayaphenya ukuthi senzeke kanjani llesigameko.
“Kunezinyathelo ezithathwayo ukuze inombolo nezokuxhumana zikangqongqoshe kubuyele kuyena. Kuqhubeka nohlelo lokuhlonza labo ababagila lemigilingwane engekho emthethweni,” kusho uLeso.
Ube esenxenxa umphakathi ukuthi labo bantu abangaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuba baludlulisele ngokushesha kwabezomthetho.