UZICELELE ikhefu lokuxazulula izingxaki ezimkhungethe umsakazi woKhozi FM osolwa ngokushaya alimaze isinqandamathe sakhe ngempelasonto.
Kuvela ukuthi lo msakazi ovulelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesilisa ozishaya isifuba ngokuthi uyisinqandamathe sakhe, uzicelele ikhefu lesikhashana emsebenzini ukuze abhekane nezinkinga zakhe zangasese.
Lokhu kuvezwe nguNksz Mmoni Seapolelo okhulumela iSABC, othe abaphathi besiteshi Ukhozi FM bathole isicelo esivela kulo msakazi sokuba anikezwe ikhefu lesikhashana.
“Abaphathi boKhozi FM bafuna ukukuqinisekisa ukuthi uMnuz Siya Mhlongo ucele ukuhlaba ikhefu emsebenzini ukuze abhekane nodaba lwakhe. Ngalesi sikhathi uZama Mseleku uzobe ebambe izintambo ohlelweni lwakhe,” kusho yena.
Lo msakazeli womphakathi ubuye waveza ukuthi uyazi nge-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana yesigameko asolwa ngaso uMhlongo.
“Abaphathi nabo bayayazi le video... njengamanje bangathanda ukunikwa ithuba lokukhuluma lolu daba ngaphakathi ngokuhambisana nezinhlelo ze-SABC. Ngaphezu kwalokho, uma udaba lubikiwe kwabaphethe umthetho, abaphathi nabo bazoluhlonipha lolo hlelo.”
UMhlongo uvulelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa eThekwini.
"Amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, kulandela isigameko okusolakala ukuthi owesilisa oneminyaka engu-29 ushaywe, wagwazwa ngumsolwa amaziyo ngo-Agasti 31, 2024. Umgilwa ulimale ebusweni wabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo," kusho uColonel Robert Netshiunda.
Umgilwa uthe udlulisele emaphoyiseni ubufakazi bezithombe nama-video nemininingwane yasesibhedlela njengokucela kwawo amaphoyisa.
“Amaphoyisa acele ukuba ngiwalethele ubufakazii bezithombe nama-video.”
Isolezwe lizamile ukuxhumana noSiya Mhlongo kodwa ucingo lwakhe lusavaliwe kanti nemilayezo athunyelelwe yona ayiphendulwa.