BAZITHELE ebhilidini abasebenzela kulo lilenga ingidi, abanye izimpahla zabo zilaxazwe emnyango izolo, osomabhizinisi abancane abarenta ibhilidi elisenkabeni yeTheku okukholakala ukuthi kwenziwe ngumnikazi walo ongasathandi ukuthi baqhubeke basebenzele kulo.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele ebhilidini i-Ajmeri Arcade, osomabhizinisi abebethukuthele begane unwabu bebemi ngaphandle kwalo bekhala ngesenzo somnikazi walo, bathu nguMnuz Ahmed Habib.
Kuthiwa uthumele ukuthi kuvalwe amagumbi abasebenzela kuwo, izimpahla zabo zikhishelwe phandle emhubheni webhilidi ngoba bengasadingeki, okukholakala ukuthi kungenxa yokungayikhokhi irenti.
UNksz Thabi Muthwa, onebhizinisi lokuthunga nokudayisa izingubo zomshado kuleli bhilidi, uthe ukungaboni ngaso linye noHabib njengoba eveza ukuthi basilele emuva ngokukhokha irenti, okwadalwa wukuvalwa kwezwe ngesikhathi seCovid-19.
“Sizithele ebhilidini livaliwe. Abanye bethu izimpahla zabo zikhishelwe emnyango, kuthiwa zikhishwe ngabebethunywe wumastende ngoLwesithathu ebusku.
Okubangwayo wukuthi ufuna sikhokhe imali yezinyanga zangesikhathi kuvalwe izwe ngo-2020, ngesikhathi sikathaqa ekubeni wonke amabhizinisi ayevaliwe. Kwakumele siyithathephi imali engaka njengoba sirenta u-R15 000 ngenyanga?’’ usho kanje.
Uthe ngaphandle kokuthi bakhala ngerenti ephezulu nokuthi kukhokhelwe lezo zinyanga, kuningi abakhala ngakho njengoba kuthiwa amanzi kawekho, ukukokotelwa kukagesi, amathoyilethi angekho esimweni nokungabi khona konogada.
Ngokwencwadi okuthiwa inikezwe bonke osomabhizinisi abathintekayo esayinwe ngesonto eledlule, Isolezwe elinayo ikhophi yayo, ibanqumela ukuthi baphume ebhilidini esikhathini esingangenyanga kusuka namhlanje.
UMnuz Bheki ‘Nkalakatha’ Dzanibe owunobhala we-Operation Dudula KwaZulu-Natal, obehambele labo somabhizinisi, uthe uHabib akakaphenduli encwadini yezikhalo yeziqashi zakhe abayithumele kuye emasontweni adlule ukuthi alungise ezikhala ngakho.
“Okubuhlungu wukuthi abantu abavalelwe amabhizinisi ngabantu bakithi, abolunye uhlanga bayaqhubeka nokusebenza. Ngesikhathi sishayela ucingo umastende, uthe akakwazi ukuthi abantu bakhishiwe ezindlini, okuyinto esididayo ukuthi yenzeke kanjani engazi,” kusho uDzanibe.
Uthe okubuhlungu wukuthi isenzo sokuvalwa kwebhilidi senzeke kuzoba yimpelasonto ekubeni osomabhizinisi abaqashe kulo benza izinto zemicimbi enhlobonhlobo, evamise ukuba ngempelasonto.
Imizamo yokuthola uHabib, ongumnikazi webhilidi kayiphumelelanga. Ucingo lwakhe beluvaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.