KUSINDA kwehlela kubahlali basemijondolo yaseDakota, eSiphingo, kulandela ukuqubuka komlilo oshise imijondolo yabo engaphezu kuka-350 ngoMgqibelo ebusuku.
Izolo, Isolezwe liphinde lavakashela kule mijondolo lapho lifice khona ingxenye yabahlali bakhona bezama ukukhuculula imfucuza esalile, bebodwa abaqongqotha izinkethe bezama ukwakha kabusha ukuze baqhubeke nempilo.
UMnuz Mondli Mdoda, odabuka eMount Ayliff, e-Eastern Cape, obesanezinyanga eziyisithupha kuphela ehlala kule mijondolo, uthe ubhekene nobunzima obukhulu njengoba eshelwe yindlu yakhe yaba wumlotha, konke nempahla yakhe ebiphakathi.
“Nakuba siyaphila nje, sisizwa wuMasipala weTheku nezinhlangano ezahlukene abasipha ukudla, baphinde basikhoselise kwelinye lamahholo aseduze nemijondolo yethu, yize kunzima nakhona ngoba siminyene futhi asineli sonke.
“Sengibonga kona ukuthi ngenkathi kusha, umazisi wami neselula kwakukumina - nokwenze ngakwazi ukubika emsebenzini ngokungivelele, futhi ngizokwazi ukuya emaphoyiseni ukuyobhala isitatimende ngomshophi ongivelele,” kuchaza uMdoda.
Eqhuba, unxuse abahlala nabo emjondolo ukuthi baqaphele uma behamba ezindlini zabo ukuthi akukho lutho olusebenza ngogesi oluxhunyiwe ukugwema izimo ezinjengalesi.
“Yize ngingasho ukuthi lo monakalo udalwe yilokho kodwa ngicabanga ukuthi ukuqaphela kanjalo ngenye yezinto ezingasiza ukugwema isimo esibuhlungu nesinzima njengalesi esibhekene naso manje,” kunxusa uMdoda obeseqalile ukuqoqa lapho obekwakhiwe khona umjondolo wakhe.
UNksz Nelisiwe Thusi waseMthwalume, oqale ukuhlala kule mijondolo ngo-2010, ohlala nezingane zakhe ezine, uthe ngenxa yobukhulu bomonakalo odalekile abantwana bakhe ababili abafundayo abakwazanga nokuya esikoleni ngoba abanalutho lokugqoka.
“Kwayimina angikwazanga ukuya emsebenzini ngoba bekumele ngikhuculule lokho okuncane okusalile, ngiwashe nalo mthanyana wezimpahla ezimbalwa engikwaze ukuzihlenga ngenkathi kubhubhisa umlilo.
“Siyazicelela kunoma wubani ongakwazi ukusilekelela, ukuthi asisize ikakhulu ngezimpahla zokugqoka, ukudla nezinto zokwakha ukuze sikwazi ukuqhubeka nempilo ngoba asazi ukuthi sizothathani siyihlanganise nani uma kunje, silahlekelwe kakhulu,” kubalisa uNksz Thusi.
Khonamanjalo, uMasipala weTheku ukhiphe isitatimende uthembisa ukuphuthumisa uhlelo lokusiza abahlali basemjondolo okucekeleke phansi izindlu zabo kulesi sigameko.
Esitaimendeni, uveze ukuthi uzohambela kule ndawo khona izolo uhambisana nabenhlangano ebhekele izibonelelo zikahulumeni iSassa naboMnyango wezaseKhaya ukusiza abashelwe ngamakhadi abo okuhola nomazisi babo, wathembisa nokuthi uzosiza abafundayo ngomfaniswano wesikole ukuze bakwazi ukuya esikoleni.
Inhlangano engenzi nzuzo iGift of the Givers selokhu yafika kule ndawo ukuzolekelela abashelwe ngosuku lwesigameko. Izolo, iDA nayo ihambise usizo kule ndawo.