IBIYISIDLEKE sewunga indlu okungqongqiswe kuyo abangu-10 ngeSonto KwaMpande eMgungundlovu.
Lokhu kuvezwe eminye yemindeni yabagilwa abashonile kulesi sigameko.
Indodakazi kaMnuz Thembinkosi Dlamini (49), uNksz Thembelihle Khumalo, ozifikele mathupha endaweni yesigameko, uthe abashonile bebehlangana kule ndlu beyobhema iwunga.
"Asinalo ulwazi lomuntu obeyidayisa kodwa abashonile bebeyibhema," kusho uNksz Khumalo.
Uveze ukuthi indlu okwenzeke kuyo umshophi ibisisele nowesilisa obesemncane kulandela ukushona kwabazali eminyakeni edlule.
"Yena kuthiwa uphume wabaleka," kusho uNksz Khumalo, othe kusenzima ukususa isithombe sento ayibone ngosuku lwesigameko.
Uqhube wathi indlu okwenzeke kuyo isehlo, bekukhalwa ngayo emphakathini.
"Bekuhlala amaphara, enza yonke into khona. Amalungu omphakathi abengayithandisisi kahle. Ubuthola ukuthi emphakathini kunobugebengu, kukhalwe ngawo lowa muzi, kuthiwa yiwona obafuyile," kusho uNksz Khumalo.
Uphikile nokho ukuthi uyise ubezibandakanya ebugebengwini, wathi ubeziphilisa ngokubamba amatoho. Uveze nokuthi akusona isigameko sokuqala kuhlaselwa abangaphakathi kulo muzi njengoba bekuke kwenzeke ukuthi kufike abantu abahlome ngezibhamu, babashaye. Uthe ngesikhathi efika endaweni yesigameko uyise obeshe umzimba wonke, ubezama ukuphuma ngasemnyango.
"Uvele wawela ezinyaweni zami, ngathi ngiyambamba, wabhucuka ngenxa yokusha isikhumba sakhe sasalela ezandleni zami," kusho uNksz Khumalo.
Uqhube wathi ngaphambi kokuba ashone uyise umtshele ukuthi kufike abantu babakhomba ngezimbamu, babashaya, babakhumulisa bathi abalalane bodwa."
Uthe banqabile ukwenza lokho, base bebathela ngophethroli, baphinde bawuthela yonke indlu nangaphandle, base beyalayitha," kusho uNksz Khumalo.
UNksz Ntombintathu Mncwabe, wakubo kaMnuz Mthokozisi Madlala (39) naye oshone kulesi sisigameko, uthe uvuswe yizingane zathi kukhona abakhalayo endaweni yesigameko.
"Sezwa bethi uphi u...(emgagula ngegama), nizomkhipha," kusho uNksz Mncwabe.
Uthe baphatheke kabi ngoba aliphumanga igama kubabulali ebelichaza ukuthi yini abafi abayenzile.
"Sezwa nje bethi bafuna ukubona ukuthi laba bantu ababadayisela iwunga sebezodayisela bani. Yila esibone khona ukuthi bayabulawa nje ngaphandle kwesizathu ngoba nobugebengu obuke badlanga endaweni, bese bunqamukile," kusho yena.
Ikhansela lendawo, uMnuz S'khanyiso Makhanya, lithe: "Siphatheke kabi kakhulu ngesigameko, futhi sithukile kodwa sike sazithola izikhalo emphakathini zokuthi abayithandisisi kahle le ndlu ngoba ihlala abantu abaningi. Nangalo usuku lwesigameko kuthiwa babebalelwa ku-30 abantu ababephakathi."
Uqhube wathi amaphoyisa bebewabikela ngalo muzi.
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uMnuz Sipho Hlomuka uthe: "Njengohulumeni kufanele siqoqe umphakathi, siwunxuse ukuthi ulekelele ekutheni kuliwe nobugebengu. Akwamukelekile ukuthi kubulawe abantu abaningi kangaka ngesikhathi esisodwa. Sizoyalela namaphoyisa ukuthi ayiqaphe ngeso lokhozi le ndawo, naleli cala alibeke eqhulwini."
Uthe lokhu ukusho ngoba ngenyanga edlule khona eMgungundlovu kudutshulwe kwafa abangu-10 emzini owodwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uColonel Robert Netshiunda uthe sesenyukele kwabangu-10 isibalo sabashonile kulandela ukushona kwababili esibhedlela.