Udidekile umndeni wesaguga sasoBengwane, eNquthu, esinyamalale sisohambweni oluyingcwele lwaseKhenana lwamaNazaretha aseBuhleni.
UNkk Sphepho Mbatha (70) kuthiwa wagcina ukubonwa ngoJanuwari 5, 2024, KwaNodwengu, eNdwedwe, ehamba namanye amakholwa.
Indodakazi yakhe, uNkk Bonakele Khuzwayo, ithe ngoJanuwari 5, ilungu lomndeni lashayela ucingo isaguga, lisibheka ukuthi singene kahle yini onyakeni omusha.
“Uthe uma engishayela, washo ukuthi uzwa umama ekhuluma into engahlangani, usola sengathi uphithanelwa yikhanda,” kusho uNkk Khuzwayo.
Ekhungathwa ilokhu, uthi naye wasukumela phezulu, wazama ukumshayela ucingo ngokwakhe kodwa wathola ukuthi ucingo seluvalekile.
UNkk Khuzwayo uthe unikele eKhenana, ngoJanuwari 8, wavukela kumkhokheli kanina ngakusasa, yaqala yakhulunywa eyokuthi unyamalele.
“Izingane zifake ezinkundleni zokuxhumana, zisho ukuthi umama unyamalele,” kuchaza uNkk Khuzwayo.
Uthe kukhona abaphendule bathi bambona ephambana nabazalwane, ebuyela emumva, bathi uma bembuza ukuthi uyaphi, wathi uyolanda isikhwama sakhe.
UNkk Khuzwayo uveze nokuthi abanye baveze ukuthi ukhona omunye umzalwane owawa washona, wathathwa amaphoyisa.
“Sizamile ukulandelela lokho ngasemaphoyiseni kodwa sithole ukuthi kungamampunge, ngoba amaphoyisa alandulile,” kulandisa uNkk Khuzwayo.
Uthe kukhona omunye umkhondo abasanda kuwuthola womuntu okuthiwa waphelelwa amandla wangena emzini othize, abakhona bamphuthumisa esibhedlela.
Wathi wona bekusenzima ukuwulandelela kwazise abanazihlobo eThekwini, kanti yena uhlala eMsinga, akanayo imali yokuzobheka esibhedlela.
Echaza ngokuphithana kwekhanda kukanina, uNkk Khuzwayo uthe yinto ebese yenzeka isibili esohambweni oluyingcwele nokwenza basole ukuthi kukhona okungahambi kahle ekhaya.
“Nyakenye, kwamhlasela ekhona ohambweni olufanayo, waze wafunga wagomela ukuthi ngeke aphinde aye,” kuchaza uNkk Khuzwayo.
Ngaleso sikhathi kuthiwa waduka kade esendlini encane, waze washayela ucingo ayehambe nabo ngaleso sikhathi ukuthi abeze bezomhlangabeza.
Uveze ukuthi ubengalindele ukuthi unina uzophinda aye eKhenana nonyaka ngoba wayethe ngeke aphinde aye.
Uthe umbuzile ngokushintsha kwakhe umqondo ngohambo, wathi uyile ngoba ukuqondisile okuthile (kwezidalwa) asola ukuthi yikho okwaholela ekutheni aphithanelwe yikhanda nyakenye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNdwedwe acela ukufuniswa owesifazane osekhulile odukile.
“Egcina ukubonwa, kuthiwa wayephumule eceleni komgwaqo ngasentabeni. Wayegqoke iphinifa eliluhlaza, ebophe umchilo wesonto omhlophe,” kusho uConst Ngcobo.
Uthe amalungu omphakathi angaba nolwazi ngokuduka kwakhe, angathinta umphenyi, uLieutenant Colonel Zulu enombolweni ethi: 032 532 2356 noma kweyamaphoyisa ethi 08600 10111.