UFUNA izimpendulo umndeni wengane okubikwa ukuthi ishone isele nosingamama eMadadeni, eNewcastle yase igcatshwa nguyise wayo oyinyanga ethi uyayivusa.
UPhilasande Mthiyane (5) kuthiwa ushone elele nosingamama. Kuthiwa kuthe uma usingamama, uNksz Nompumelelo Mazibuko, ebona ukuthi ingane isishonile wazisa uyise wayo obeseGoli eyokwelapha.
“Umntwana ngithe ngiyamvusa ebusuku ukuze ayochama ngabona egcwele ukudla emlonyeni. Ngamvusa izikhawu eziningi ngaze ngaqaphela ukuthi usethule,” kuchaza usingamama.
Uthe akapholisanga maseko wazisa uyise wengane, uMnuz Bonginkosi Biyela ofike ekuseni ngeSonto wase eyigcaba ingane, nokuyinto enenga abakubo kanina kamufi, abafuna ukwazi ukuthi lokho inyanga ibikwenzelani.
UMnuz Bonginkosi Thango, ongumkhulu kaPhilasande, uthe bashaya amakhala ngendlela ingane eshone ngayo.
UThango uthe bakhathazwa wukuthi isidumbu besinemihuzuko emhlane, emadolweni futhi silimele kabi nasekhanda.
“Sifuna ukwazi ukuthi ngempela kwenzakaleni enganeni njengoba inemihuzuko nje emzimbeni?” usho kanje.
Uthe okubenza baphithanelwe amakhanda kakhulu wukuthi uyise wengane uyigcabe ekubeni bese ishonile
Unina wengane, uNkk Kwakhanya Thango Zungu ubhale kuFacebook ecela usizo, ethi naye ufuna izimpendulo kubaba wengane ukuthi ibulawe yini.
Uqhube wathi ingane yakhe beyihlala noyise wayo futhi wayekade eyicele kwabadala komalume bayo, kwavunyelwana ukuthi ayithathe.
“Ingane bathi abazi ibulawe yini. Ishayiwe ekhanda nasemzimbeni, ngokusho kukayise kodwa yena uthi ubengekho eseGoli isele nosingamama wayo,” kusho unina kamufi.
Ethintwa ocingweni lo wesifazane, ukhale ngokuba matasa wacela ukuba intatheli ibuye imfonele kodwa akabange esaluphendula ucingo.
Ethintwa uyise wengane, uvumile ukuthi usigcabile isidumbu sendodana yakhe.
“Ngiyazi ukuthi ngenze iphutha elikhulu ngokusigcaba isidumbu sengane yami. Kodwa nami bengithi ngenza izaba nje njengoba ngiwumuntu wamakhambi,” usho kanje.
Uthe kuduma ikhanda ngoba akakaze ashonelwe yingane ngaphambilini.
“Ngididekile, angazi nokuthi ngithini futhi ngenze njani uma izinto zinjena. Eyi impela kunzima,” usho kanje sakubalisa.
Le nyanga ithe ibuzile emndenini ukuthi kwenzakaleni enganeni njengoba inemivimbo. Bayiphendula ngokuthi nabo badidekile ukuthi ngeyani ngoba akekho oke wayishaya.
Kuvela ukuthi uPhilasande wayekade ehlala kubo kanina kwathi ngasekupheleni kukaDisemba nyakenye uyise wayihlawula ingane. Ngemuva kwalokho wase ethembisa ukuthi uzoyikhokhela ngokugcwele ebese ihlala naye ngokuphelele eMadadeni. UPhilasande ubenza uGrade R khona eNewcastle.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMadadeni aphenya icala lokubulala emuva kwesigameko lapho ingane eneminyaka emihlanu kusolakala ukuthi ishaywe yaze yashona ngeSonto.
UNetshiunda uthe amaphyisa ayaphenya mayelana nalesi sigameko engeza ngokuthi umufi ubekade enemihuzuko nezibazi emzimbeni wakhe.