SEKUFAKWE isikhalazo esisemthethweni esiphikisana nezinhlelo zokususwa kwesichuse seNdlovukazi yamaNgisi, uVictoria, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, bese kufakwa esiSilo esesikhotheme, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Lesi sikhalazo esibhekiswe kusomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, sifakwe yinhlangano ebhekele ukuqondiswa komlando nokugcinwa kwamagugu namafa esizwe sakwaMsane, iMsane Tribe Heritage Trust.
Ngenyanga eyedlule amalungu esiShayamthetho avumelana nesiphakamiso esifakwe ngusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, sokukhishwa komfuziselo weNdlovukazi yamaNgisi bese kufakwa okaMdlokombane.
Usihlalo weMsane Tribe Heritage Trust, uMnuz Zwakele Msane, uthe kabahambisani nalesi sinqumo, ekhala ngokuthi lolu daba luqhamuke ngesinxele.
UMsane uthe yibona abebephambili ekunxenxeni ukuthi kukhishwe imifuziselo yabacindezeli esiShayamthetho bese kufakwa eyabantu ababamba iqhaza emiphakathini yabo.
UMsane uthe ngo-2011 baphakamisa ukuthi kukhishwe umfuziselo kaMnuz Theophilus Shepstone, phambi kwesiShayamthetho, bese kufakwa okaMnuz Saul Msane, owayengunobhala jikelele we-ANC.
Uthe leli khwelo baqala ukulenza ngaphambi komkhankaso wabafundi baseNyuvesi iRhodes, ababefuna kukhishwe umfuziselo kaMnuz Cecil Rhodes.
UMsane uthe ikhwelo labo laholela ekutheni uMnyango wezamaSiko nobuCiko uqale izingxoxo mayelana nokukhishwa nokufakwa kwemifuziselo.
Uthe kulezi zingxoxo kwavunyelwana ngokuthi ayikho imifuziselo ezokhishwa ngoba yonke ibalulekile.
UMsane uthe kubamangazile ukuzwa ukuthi sekuvunyelwene ngokukhishwa kwemifuziselo ethile.
“Manje umkhankaso wethu usuvele wabhozonyelwa ngosopolitiki abafuna ukuzitholela amaphuzu. Besizitshela ukuthi le nto iseyisifiso nje sobuholi be-ANC. Besizitshela ukuthi mhlampe namalungu omphakathi asazonikwa ithuba lokuthi aphawule ngalolu daba.
“Njengabantu abavotayo sibona sengathi amalungelo ethu anyatheliwe. Ezingxoxweni zango-2016 kunezivumelwano ezenziwayo. Konke lokhu okwavunyelwano ngakho bekungakenziwa.”
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe akukho okuzovimba ukufakwa komfuziselo kaMdlokombane.
“Thina sizoqhubeka nokufaka umfuziselo kaMdlokombane. Ngokwethu siwuKhongolose sibona ukufakwa komfuziselo kaNgangezwe lakhe kuwukugcinwa komlando ngoba uNgangezwe ubuse iminyaka ecishe ibe u-50 yingakho umfuziselo wakhe ungeke ulingane neminye futhi ungeke ube seduze kweminye. Thina sazi ukuthi sonke sikhuleka kuso iSilo.”
UMndebele unxuse abakwaMsane ukuba baxhumane nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal uma befuna ukwenza isiphakamiso sokuthi kuhlonishwe amaqhawe akubo.
“Kufanele benze isiphakamiso sabo kodwa isiphakamiso sabo akufanele kube ukuthi baphikisana nalesi esifakwe yi-ANC.”
Okhulumela isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nomusa Phungula, uthe bebengakasitholi isikhalazo sikaMsane.