IHHOVISI likaMengameli lichitha eyokuthi uMnuz Cyril Ramaphosa uyadembesela emsebenzini wakhe wokuhola izwe.
Okhulumela ihhovisi likaRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uRamaphosa uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokuhola izwe ngokuzikhandla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo, lapho ebechaza ngemihlangano ezobanjwa uRamaphosa kuleli sonto.
UMagwenya uthe bakuqaphelile ukuthi muva nje kunabantu abahambe befafaza eyokuthi uRamaphosa uyadembesela, nathe akusilona iqiniso.
“Sifuna ukuqinisekisa abantu bakuleli ukuthi umengameli usazimisele ngomsebenzi wakhe. Sikhathazekile ngalaba abahamba befafaza eyokuthi umengameli akagxilile futhi akazimisele ngomsebenzi wakhe. Le nto ehamba ifafazwa ayinabo ubufakazi.
“Umengameli uyaqhubeka nokuqhamuka nezinhlelo zokuthuthukisa elakuleli. Umengameli uyaqhubeka nezinhlelo zokuthuthukisa umnotho wakuleli. Lendaba ihamba ifafazwa abantu abafuna ukuphazamisa izinhlelo zikamengameli.”
UMagwenya uthe kulezi nyanga eziyisithupha ezedlule kuningi kakhulu uRamaphosa akwenzile okukhombisa ukuthi uzimisele ngokuhola elakuleli.
UMagwenya ubalule ingqungquthela yokutshwalwa kwezimali eyayihlelwe yihhovisi likaRamaphosa kanye nohlelo lwehhovisi likaRamaphosa lokuqashwa kwentsha engasebenzi, nathe kwenze umehluko omkhulu kuleli.
“Odabeni lokucishwa kukagesi, umengameli wanquma ukuzibambela mathupha. Ukuzibambela kukaRamaphosa kuthele izithelo ezinhle njengoba ugesi ungasacishwa kakhulu. Ziningi kakhulu izinhlelo umengameli aqhamuke nazo kusukela kuqale unyaka. Le zinto azenzile zikhombisa ngokusobala ukuthi uzimisele kangakanani ngomsebenzi wakhe.”
UMagwenya uphinde waveza ukuthi uRamaphosa uzokwenza isimemezelo maduze mayelana nokuza kukamengameli waseRussia, uVladimir Putin, kuleli.
UPutin kufanele abe yingxenye yomhlangano wamazwe angaphansi kweBrics, ozokuba kuleli ngo-Agasti.
Akucaci ukuthi uPutin uzofika mathupha yini kulo mhlangano njengoba inkantolo yamacala omhlaba, i-International Criminal Court (ICC), isanda kukhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kukaPutin.
UPutin uboshelwa amacala amayelana nempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine.
Izwe lakuleli libophezelekile ukubopha uPutin uma egcine efikile njengoba liyingxenye ye-ICC.
UMagwenya uthe uRamaphosa umatasa nezingxoxo nabaholi bamazwe angaphansi kweBrics ngodaba lokuza kukaPutin.
“Izingxoxo uzoziphothula maduze bese enza isimemezelo. Izingxoxo seziya ngasemaphethelweni, ngakho isimemezelo sizokwenziwa maduze.”