BAFISA ukubona iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, singenisa nasezindaweni ezisemadolobheni nasezingxenyeni eziseNingizimu yeKwaZulu-Natal.
Lokhu babona kuzokwenza ukuthi abantu bakhumbule ukuthi iSilo asiphethe ingxenye yeKwaZulu-Natal engaphesheya koThukela kuphela, enhla nesifundazwe.
Lokhu kuzwakale izolo ngesikhathi kunengqungquthela yokutshalwa kwemali kwelikaMthaniya, ebiseThekwini.
Esinye sezikhulumi uMnuz Musa Myeni, ongusomabhizinisi, sithe iSilo kufanele sikhumbuze abantu ukuthi siphethe kuyo yonke iKwaZulu-Natal.
UMyeni uthe abantu abaningi bacabanga ukuthi uma kukhulunywa ngezindawo ezingaphansi kweSilo kushiwo izindawo ezingaphesheya koThukela, enhla nesifundazwe. Uthe lokhu akusilo iqiniso, wathi izwe leNgonyama lifaka nezindawo ezisemadolobheni okubalwa iTheku, KwaDukuza, Port Shepstone nezinye.
UMyeni uphakamise ukuthi iSilo sikhumbuze abantu abakulezi zindawo ukuthi bangaphansi kwaso.
“Likhulu kabi izwe leNgonyama kodwa uma kukhulunywa ngalo, kukhulunywa ngengxenye encane. Kufanele iSilo sizikhombise ukuthi yiso esiphethe ezindaweni ezinjengoMgungundlovu, oGwini oluseningizimu yesifundazwe nezinye. Uma kunesidingo, kufanele sakhe izigodlo kulezi zindawo.
“Iphutha esilenzayo ukuthi sicabanga ukuthi uma kukhulunywa ngezwe leSilo kukhulunywa ngezindawo eziphesheya koThukela, enhla nesifundazwe. Lokhu akusilona iqiniso,” kuchaza uMnyeni.
Ingqungquthela yayizolo iqhubekile yize iSilo besingekho ngoba iNdlunkulu isemanzini ngemva kokusocongwa kosondelene neSilo, uMntwana uMbongiseni Zulu.
UMntwana uMbongiseni ubulawe ngokudutshulwa ngesonto eledlule, kulindeleke ukuthi afihlwe ngempelasonto.
Ingqungquthela ibihanjelelwe yizikhulumi eziqhamuka ezinhlakeni ezehlukene okubalwa kuzo i-AfriForum.
I-AfriForum inobudlelwano neNdlunkulu kaZulu obaqala ngesikhathi kusabusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Ubudlelwano baqala ngesikhathi uhulumeni ehlongoza ukudla umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.