KUTHIKAMEZEKE ukufunda esikoleni samabanga aphansi iMakhawula eNdwedwe, abazali bevala amasango, befuna kuvalwe izikhala zothisha abathathu okuthiwa zivuleke nyakenye, ngesikhathi kukhona abasulayo emsebenzini.
Abazali abasonga ngokuthi bazoqhubeka nombhikisho wabo, kuthiwa baqale ukuvala amasango esikole kusuka ngoLwesine olwedlule, bathi abafundi emakilasini amane abanabo othisha.
Kuthiwa uthishanhloko usezame konke okusemandleni ekutheni kuvalwe izikhala kodwa uMnyango wezeMfundo esifundazweni, ubamba uyayeka.
UMnuz Zibonele Ngcobo oyilungu lesigungu esengamele isikole, uthe izikhala zalabo thisha zivuleke ngekota yokugcina nyakenye, emuva kokuthi othisha ababili besulile emsebenzini ngenxa yezizathu ezehlukene, kanti oyedwa uhlabe ikhefu lokuyobeletha. Bonke izikhala zabo azikaze zivalwe.
“Uthishanhloko usenze konke okusemandleni. Sihlanganile nomhloli sambikela wathembisa ukuthi uzoletha othisha abazovala izikhala kodwa kuze kube manje akukho okusenzekile. Uma simshayela ucingo ulokhu eqhubeka esinika ithemba elingekho. Le nto ifake uthishanhloko ingcindezi ngoba bamthembisile ukuthi kunothisha abazobaletha kodwa uma eseyoqinisekisa eSekhethi watshelwa ukuthi ukuvalwa kwezikhala zothisha kusamisiwe,” kusho uNgcobo.
UNksz Simangele Shezi naye oyilungu lesigungu esengamele isikole, uthe: “Kubuhlungu ukuthi kuqala izingane ziphazamiseke ngalolu hlobo, zingafundi ngenxa yokushoda kothisha.”
Uthe abazali banqume ukubhikisha nje sebekhalela okuthi okungenani umnyango unikeze isikole othisha ababili ukuze izingane zikwazi ukufunda.
Uthe bane kuphela othisha kulesi sikole kubalwa nothishomkhulu okulindeleke ukuthi bafundise abafundi abevile ku- 240 njengoba lesi sikole kuthiwa siqala kaGrade R sigcine kaGrade 7.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe udaba lokushoda kothisha kulesi sikole bayalucubungula.
“Siyalucubungula udaba lwesikole esiseNdwedwe okuthiwa sinothisha ababili kuphela. Siyabheka ukuthi akusona yini esinye sezikole ezinabafundi abancane (ngokwesibalo), esingena ngaphansi kohlelo lwezikole esizihlanganisa nezinye. Sizolusukumela maduze udaba lwakhona bese siyabona ukuthi umhlahlandlela usiholela kuphi,” usho kanje.