UNXUSA amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukubamba umsolwa umndeni wowesifazane waseNanda Newtown A, odutshulwe wafa ngoMsombuluko.
UNksz Sebenzile Mbatha (42) kuthiwa udutshulwe ngumuntu ongaziwa ongqongqoze emnyango sekuhwalele. Umalumekazi wakhe, uNkk Fikile Chonco uthe ngesikhathi ehlaselwa umufi ubehleli nesoka lakhe anenyanga ethandana nalo.
"Lithi kungqongqoze umuntu emnyango, umufi epheka ekhishini. Lithi wabuza ukuthi wubani kodwa umuntu obesemnyango wangaphendula. Uthi wahamba wayobheka ukuthi ngubani, okuyilapho lowo muntu emdubule khona," kusho uNkk Chonco.
Uthe isoka likamufi libatshele ukuthi ngesikhathi lizwa kuqhuma isibhamu libaleke layocasha.
Uthe kwathi ngokuhamba kwesikhathi, lashayela umakhelwane ucingo, limazisa ngesigameko.
"Siyafisa amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ukuze abanjwe umbulali, ukuze ake asichazele ukuthi umbulaleleni," kusho uNkk Chonco.
Udadewabo kamufi, uNksz Nonhlanhla Mtshali, uveze ukuthi isoka likamufi liphinde labatshela ukuthi ngezikhathi ezithi azicishe zifane, kungqongqoze umuntu ngoNcibijane kodwa bamziba.
“Sisola ukuthi lo muntu owayengqongqoza ngoNcibijane kusewuye lo ogcine ekwazi ukumbulala ngoMsombuluko,’’ usho kanje.
Uthe lokhu bakusho ngoba indawo yabo kayivamile ukuba nezigameko zabantu abangenela abanye ezindlini, babadubule. Uphethe ngokuthi bayasola ukuthi umbulali ngumuntu obenolwazi lokuthi umufi uvame ukuzihlalela yedwa uma kuvalwe izikole ngoba izingane zakhe ezimbili eneminyaka engu-13 nengu15, zisuke zivakashe kubo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulawa komuntu eliphenywa amaphoyisa aseNanda. Uthe akukaboshwa muntu.