INHLANGANO emele abasebenzi abahlanzayo nonogada Iphimbo Labasebenzi, inqumele ugwayi katiki uMasipala weTheku noMnyango wezeMpilo esifundazweni ukuthi baqashwe ngokuphelele ngaphansi kukamasipala nakulo mnyango.
Laba basebenzi abebesekwa amaqembu ezepolitiki okukhona eqhulwini i-ActionSA, baphazamise ukuhamba kwezimoto enkabeni yedolobha iTheku emashini esuke epaki i-King Dinizulu yaphelela e-City Hall, ngoLwesihlanu.
Phakathi kwezinto ezisohlwini lezikhalo; bafuna kuqedwe ngezinkampani abazisebenzelayo ezizimele ezisebenzela ezikhungweni zezempilo nakumasipala, kodwa baqashwe ngokugcwele.
Ethula uhlu lwezikhalo eziqondiswe kwiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, uNobhala wale nhlangano uMnuz Elvis Mncwango, uthe bafuna umasipala ukhiphe izinkampani ezinikeza ngomsebenzi, ezixhaphaza abasebenzi
“Sifuna kuphenywe ngezinsolo zokuhlukunyezwa kwelungelo labasebenzi okuthiwa kwenziwa yilezi zinkampani ezisebenza kumasipala. Bonke onogada nabahlanzayo abasebenzela lezi zinkampani sifuna baqashwe umasipala,” usho kanje.
Uthe laba basebenzi sebehlale iminyaka eyevile kwewu-20 bexhashazwa, beholelwa amkinati yilezi zinkampani.
Uphinde waxwayisa uMnyango wezeMpilo esifundazweni ngokuthi bazowuthathela izinyathelo zomthetho njengoba sekunesikhathi eside ungafuni ukulalela odabeni oluthinta ukusetshenziswa akwezinkampani ezizimele ukwenza umsebenzi ezikhungweni zezempilo ezijike zixhaphaze abasebenzi.
Bacele umhlangano nalo mnyango okumele ubekhona zingakapheli izinsuku eziwu-14.
Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango ongomunye wabebehola le mashi, baphoxekile ngokwenziwa yilo masipala oholwa yi-ANC wokuguqula isinqumo esavotelwa emhlanganweni wamakhansela ngo-Agasti nyakenye.
“Umkhandlu wamakhansela wanikeza umasipala isikhathi esanele esiyizinyanga ezintathu ukuthi kucwaningwe ngalolu daba kodwa wahudula izinyawo kwaze kwaphela izinyanga eziyisithupha. Ekuqaleni, i-ANC emkhandlwini ivote nathi odabeni lokufakwa ngaphansi kukamasipala kwalaba basebenzi, kodwa manje isiguqukile ngenhloso yokubukela phansi lonke lolu hlelo olwenziwe,” usho kanje.
Uthe bazokuma nalaba basebenzi kuze kube sekugcineni.