BAWINILE NGCOBO
U NGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya uthe benza konke okusemandleni ukushintsha isimo soMnyango ukuze banikeze abantu izidingo ngendlela esezingeni elifanele.
UMnuz Malusi Gigaba usho kanje izolo ngesikhathi esehhovisi lalo Mnyango eCommercial City eThekwini ezolethula ngokuse-mthethweni njengelinye elenza omazisi abangamakhadi.
Izolo osaziwayo baseThekwnini okubalwa abasakazi nabaphathi beGagasi FM, abasuka kwi-East Coast Radio naseqenjini lombhoxo ama-Sharks banikwe nguGigaba amakhadi abo amasha.
UGigaba uthe sezaphela izinsuku lapho abantu babehlala khona usuku lonke uma bezobhalisela umazisi bafice abasebenzi abangenasikhathi sabantu abazenzela umathanda.
“Sifuna ukushintsha indlela abasebenzi abacabanga ngayo ngomsebenzi ukuze sinike abantu izidingo ngendlela esezingeni elifanele,” kusho uGigaba.
Uthe ikhadi elisha akuthathi isikhathi eside njengomazisi omdala ukuthi umuntu alibhalisele alithole.
“Lolu hlelo lwamakhadi luhle kakhulu. Akugcwaliswa fomu uma uzolibhalisela konke kufakwa kwi-khompyutha, akukho okungenza kube nobuhixihixi ngoba konke kusuka ekubhaliseni kuze kube liyenziwa kuhamba ngobuxhakaxhaka bama- khompyutha,” kusho uGigaba.
Uthe uhlelo lwala makhadi luqalwe ngo-Okthoba nyakenye kanti alukaze lube nezinkinga.
“Bangaphezulu kuka-800 000 abantu asebethole amakhadi abo selokhu kuqale lolu hlelo,” kusho uGigaba.
Uthe umuntu uma esebhalisile uthola i-sms emtshela ukuthi usebhalisile kanti noma sekufanele alilande uthola i-sms akudingeki ukuthi asuke ekhaya ayobheka umazisi wakhe bese kuba yima etshelwa ukuthi awukalungi.
UGigaba uthe ihhovisi lalo mnyango laseMngeni lizokwenziwa isikhungo sokwenza amakhadi maduze.
“Ngesikhathi esizayo siyafisa ukuthola izindawo zokusiza abantu ngisho ezinxanxatheleni zezitolo. Nala makhadi ayogcina esenza izinto eziningi njengokuthi umuntu ahole ngalo impesheni libuye libe yizincwadi zakhe zokushayela,” kusho uGigaba.
ULubabalo Mtembu ongukaputeni wamaSharks ungomunye wosaziwayo abanikwe umazisi wekhadi izolo. Uthe ubhalise ngesonto eledlule kanti akumthathanga usuku lonke njengesikhathi eyobhalisela umazisi wakhe.
“Kuyashesha, lolu shintsho luhle kakhulu,” kusho uMtembu.