IZIHLATHI zivakashele izindlebe kwabaphila nokukhubazeka Esikhaleni emuva kokuthi inhlangano ephakela izimboni nomasipala amanzi, uMhlathuze Water, unikele ngebhasi.
Leli bhasi, elihlala abantu abawu-25, linikelelwe inhlangano esiza abaphila nokukhubazeka, iZamani Disabled People’s Organization, eseSikhaleni ngaphandle kwaseRichards Bay.
UMhlathuze Water wenze lokhu ngaphansi kwezinhlelo zawo zokusiza umphakathi ngenyanga yezokuthutha.
Isikhulu esiphezulu esisabambile eMhlathuze Water, uDkt Simo Lushaba, siveze ukuthi leli bhasi lizoyisiza kakhulu iZamani Disabled People’s Organzation ngoba lizokwazi ukuthutha amalungu ayo akade eswele izinto zokuhamba.
“Siyinhlangano egxile kakhulu emphakathini esisebenza kuyona. Siyazibheka zonke izidingo zomphakathi bese silekelela lapho sikwazi ukulekelela khona. Siyathemba amalungu eZamani Disables People’s Organisation azosizakali ngalo mnikelo,” kusho uDkt Lushaba.
USihlalo weZamani Disables People’s Organization, uMnuz Samuel Mthembu, uncome uMhlathuze Water ngalo mnikelo.
“Ibhasi lizosisiza kakhulu ngoba lizothutha amalungu ethu akade eswele ezokuthutha. Siyabonga kakhulu kwaboMhlathuze Water ababone izidingo zethu base beza ukuzosisiza siwumphakathi wabakhubazekile. Kuyinkinga kakhulu ukuthi sithole izinto zokugibela njengabantu abaphila nokukhubazekile,” kusho uMthembu.
UNksz Simangele Mbatha, onguSihlalo wezinhlelo zokulekelela umphakathi zoMhlathuze Water, uthe bakhethe iZamani Disabled People’s Organization ngenxa yokuthi ibiswele ezokuthutha futhi iyinhlangano ethuthukisa abaphila nokukhubazeka ngezindlela ezihlukene.