ISIBAYA Community Trust neChild Welfare Durban and District bazibophezele ukunikela ngo-R7.5 million wokulungisa ikhaya lezingane ezingenabani, i-Edith Benson Babies Home, eSherwood, eThekwini.
Ekhuluma emcimbini obukule ndawo ngoLwesibili ekuseni, uSihlalo weSibaya Community Trust, uMnuz Vivian Reddy, uthe bayaziqhenya kakhulu ngokubambisana neChild Welfare ukulungisa leli khaya ebelihlala izingane ezingaphezu kuka-60 ngaphambi kokucekelwa phansi wumlilo ngo-2018.
“Bese kuphele iminyaka emihlanu silwa nemizamo yokulungisa le ndawo ngoba ibamba iqhaza elikhulu ekugcineni izingane ezingenabani, ezisuke zishonelwe ngabazali nokuthi zibe nekusasa eliqhakazile.
“Yingakho sizibophezele ukutshala imali engaka ukuqinisekisa ukuthi ukwakhiwa kabusha kwale ndawo kuqala ngokushesha ukuze sikwazi ukwamukela izingane ngendlela obekwenzeka ngayo,” kuchaza uReddy.
USihlalo weChild Welfare Durban and District, uMnuz Desmond Dube, uthe izindawo ezifana nale zisiza kakhulu ukugcina izingane eziyizintandane, nezizalwe ngabantu abangakulungele ukuzikhulisa, ukuzigcina kusuka zizelwe zize zibe sesigabeni sokukwazi ukuzimela.
“Ziningi izingane ezidlule ngaphansi kwesandla sale ndawo, zaba nekusasa eliqhakazile. Nangaphandle kwalokho, ukulungiswa kwayo kuzosiza ukwandisa amathuba omsebenzi ngakho sijabule kakhulu ngalolu hlelo.
“Uhlelo lokwakhiwa kwale ndawo luzothatha izinyanga eziyisishiyagalombili uma lungaphazanyiswanga yilutho futhi sesikubheke ngabomvu ukuthi kuqedwe ukuze konke kuzoqhubeka ngendlela efanele,” kuchaza uMsomi.
Oyibamba loMqondisi omkhulu woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eThekwini, uNkk Rosemary Ntombela, uthe lolu hlelo luzosiza ukuqikelela ukuthi izingane ezingenabani ziyaphepha futhi zikhula ngendlela efanele, ikakhulu ngoba eThekwini zimbili kuphela izindawo ezigcina izingane eziyizintandane.