ZIBALELWA ku-72 izidumbu zabantu abaguguleka ngesikhathi kuhlasela uzamcolo ngo-Ephreli, KwaZulu-Natal, okumanje azikatholakali.
Imininingwane idalulwe izolo nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngesikhathi ethula umbiko omayelana nezinto esezenziwe, nezingakenziwa ngemva kokuhlasela kwezikhukhula esifundazweni.
UNdunankulu uthe basebenzisana namaphoyisa ukuzama ngazo zonke izindlela ukuthi izidumbu ezingakahlonzwa ukuthi ngezobani, zihlonzwe.
"Kusetshenziswa ulibofuzo ukuze kuhlonzwe izidumbu futhi isidumbu ngasinye kuyenzeka sihlolwe kane noma kahlanu ukuze kuqinisekiswe ukuthi ngesalowo mndeni. Ngiyazi ukuthi wudaba olubuhlungu lolu ngoba yonke imindeni eyalahlekelwa yizihlobo ifisa ukuthi igcine ithole izidumbu zezihlobo. Ukufunwa kwezidumbu ezingakatholakali kusaqhubeka. Njengamanje sisabheka ubuchwepheshe obungasisiza ekutheni sibheke izidumbu ezingakatholakali," kuchaza uNkk Dube-Ncube.
Uqhube wathi bezingu-135 izindawo obekukhoseliswe kuzo abantu abahlala ngobuningi, okungamahholo nezikhungo ezithile kepha manje sezingaphansi kuka-64 ezisasebenza. Wachaza ukuthi ezinye sezivaliwe kanti abebehleli kuzo batholelwa ezinye izindawo abazohlala kuzo okungaba yizindlu zesikhashana noma yizindawo eziqashiwe ezikhokhelwa wuhulumeni.
UNdunankulu uqhube wathi ukubambezeleka ekutheni kukhishwe imindeni ekhoseliswe ezikhungweni kudalwe ukuthi bekumele kulandelwe imithetho ehambisana nenhlekelele yokuthi kusetshenziswe imali ebihlelelwe ezinye izinto, ukuze kuhlelelwe inhlekelele nokuthi bekusabhekwa umhlaba okungakhiwa kuwo. Wathi iningi labantu ngeke kusalunga ukuthi libuyiselwe lapho belakhe khona ngoba sekubonakele ukuthi kuyindawo engaguguleka futhi uma kuba nezinye izikhukhula.
"Uma kwenziwa lolu hlelo lwezimo eziphuthumayo akuvele kuthathwe imali isetshenziswe nje, kunemithetho okumele ilandelwe. Uma kuke kwaphela izinyanga ezine kungenziwanga, umthetho uthi akusesona isimo esiphuthumayo, sekumele kulandelwe indlela ejwayelekile yamathenda. Njengamanje sikuleso sigaba sinethemba lokuthi esontweni lesibili kuDisemba, bonke abantu bazobe sebekhishiwe ezikhungweni abakhoseliswe kuzo batholelwa izindawo abazohlala kuzo," kuthembisa uNdunankulu.
Wengeze ngokuthi isilungisiwe ingqalasizinda yamanzi yasoThongathi.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba, uthe uyazi ukuthi ukuhlala ngobuningi akuyona into engathokozelwa umuntu kodwa umnyango wenza konke okusemandleni ukuthi kulungiswe isimo ngokushesha.