SINYUKELE ku-40 isibalo sabantu abashone ezehlakalweni ezithinta isimo sezulu esimbi KwaZulu-Natal ngoDisemba nangoJanuwari.
Abatakuli bathungatha abantu abahlanu okubikwa ukuthi banyamalele.
Lokhu kudalulwe esitatimendeni uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni ngoMgqibelo.
UMnuz Siboniso Biyela ongumkhulumeli womnyango uthe bandise amathimba abo abatakuli yize izulu liqhubeka nokuba limbi kwezinye izingxenye zesifundazwe.
Kamuva kubikwa ukuthi kuminze abantu abathathu esifundeni iHarry Gwala, abasebenzi ababili basepulazini eBergville bashaywe umphezulu bashona.
“Sebetholiwe abantu ababili eMnambithi kodwa kusazokwenziwa ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe yibona kanye laba abebecingwa,” kusho uMngadi.
UMngadi uthe bangu-74 abantu abalimalile abanye basezibhedlela. Uqhube wathi izindlu ezingu-800 ezicekeleke phansi ezingu-247 zabhidlika zaphela.
Umnyango uthe bangaphezu kuka-4 000 abantu abakhahlanyezwe yilezimvula.
UMngadi uxwayise abantu bahlale beqaphile njengoba uma lina izulu. Nabashayeli bakhuthazwa ukuba bashayele ngokucophelela bangalokothi bazame ukuwela emifuleni edla izindwani.
Lomnyango uthi umonakalo omkhulu wenzeke eMnambithi okushone khona abantu abangu-23 iningi labo elimuke lihamba ngezimoto.