NGESONTO ekuseni uMasipala waseGeorge ukhiphe umbiko wakamuva ngotakulo oluqhubekayo ngebhilidi eliku-75 Victoria Street, eGeorge.
Sekuphele izinsuku eziyisithupha kusukela kwaqala umsebenzi wokutakula abasebenzi abawelwa yileli bhilidi elakhiwayo eliyizitezi ezinhlanu zamafulethi.
Ngokwemibiko eqinisekisiwe:
- Babengu-81abasebenzi ngosuku lwesigameko okunguMsombuluko odlule emini
- Bangu-45 abasebenzi abatakuliwe obhuqwini lwebhilidi
- Bangu-16 okuqinisekiswe ukuthi bashonile
- Bangu-14 abasesibhedlela abasalashwa kanti
- Bangu-36 abangakatholakali.
Umsebenzi wotakulo oholwa amathimba ahlukahlukene emaphoyiseni, abezimo eziphuthumayo bayaqhubeka nokuthungatha abantu abangakatholakali.
Kubikwa ukuthi kudingeke ukuba kutholakale abasizi bengqondo abakhuluma izilimi iChewa, Portuguese nesiShona njengoba iningi labasebenzi likhuluma lezi zilimi.
Ngaleyo ndlela kunzima ukuthola imininingwane ephelele ngokuthi bangobani futhi basukaphi.
UMasipala waseGeorge unxusa abangasiza ngokutolika ukuba baxhumane noKholiswa Jobela 078 210 5972 noma u-Apolus Swart ku-061 504 4205