UVUKE umbhejazane umphakathi waseKatlehong wangqongqisa isonto likaMfundisi Paseka Mboro Motsoeneng, i-Incredible Happenings, kulandela isehlo sangoMsombuluko lapho ehlasele khona isikole efuna ukuthatha ngodli abazukulu bakhe.
Ecacisa ngesehlo sangoMsombuluko, uMboro uthi izingane ezibonakale kwivideo ezicaphuna esikoleni ngabazukulu bakhe. Uthe kulawa ma-video ababonisi konke okwenzekile kodwa baveza lokhu okuthandwa abenzi bokubi.
Uthe unina walezi zingane wayeyilungu lebandla lakhe, wamlapha emsiza njengoba wayenezinkinga nomndeni wakhe.
“Lo muntu wesifazane mdala, wathandana nendodana yami encane kunaye ngenhloso yokwenza imali ngoba azi ukuthi nginemali. Lezi zingane wayezithuka ezibiza ngezidwedwe, engazifuni. Ngizikhulise iminyaka eyisikhombisa izingane, manje sekufika ugogo wazo uyazithatha.
Uthe ugogo uthathe izingane wayohlala nazo, manje usefuna imali yesondlo kuyena phezu kokuba wayezithuka. Uveze ukuthi bavulelene amacala nomndeni walo wesimame ongumama wabazukulu ngoba bathathe ngenkani lezi zingane futhi basebenzisa isikhathi sesikole ukuzihlukumeza.
“Kungani beyifuna kimi imali yesondlo sezingane? Kubuhlungu ngoba abantu besifazane bayawahlukumeza amadoda uma eziphindiselela ebashaya, bagijimela emaphoyiseni bawabophise agwetshwe iminyaka kodwa kube kuyiwo asukeliwe.”
Commander in Chief Pastor Mboro says he heals the sick, he raises the dead, he, he he, where is God in the picture? Can all fake churches close down? pic.twitter.com/zTg9Sfa7du
— Raisibe (@Patricia_Bantom) August 6, 2024
Usola lo mndeni ngokuzama ukwenza imali ngalezi zingane ngoba baxakwe yimali. Uthe balungisa indlu abahlala kuyo, abanayo nempahla endlini kanjalo nokudla yingakho bezama ukwenza imali ngaye.
“Bahlangene bonke ngisho nothisha baseMatsediso ngoba uNkk Webster, ongomunye wogogo walaba bazukulu, ufundisa lapha. Ngitshele abaqaphi bami ukuthi bangadubuli, ngizothatha ucelemba ngiyobathusa ngawo kodwa uma besidubula sizoziphindiselela,” kusho yena engaphandle kwesiteshi samaphoyisa.
“Wena ungenzenjani uyiphoyisa, uyintatheli abantu behlukumeza izingane zakho? Bafika kwami bezongihlasela, bazi kahle ukuthi nginezikhali, uma ngiziphendulela bazongisola bathi ngihlasela abantu besifazane,” kuqhubeka yena.