BAFUNA asuswe unomphelo esikoleni sezingane zabo uthisha womdabu waseNdiya ofundisa uGrade 2, eParkgate Primary eVerulam, osolwa ngokudlisa izingane zebala elimnyama ukudla kwezinja namakati.
Lesi sigameko okuthiwa senzeke ngoLwesihlanu, siholele ekutheni izingane ziyiswe emtholampilo nasesibhedlela ngoLwesibili. Ziyisishiyagalolunye izingane okuthiwa ziyathinteka kanti kuthiwa zineminyaka eyisishiyagalombili.
Ekhuluma neSolezwe, omunye umzali wezingane eziguliswe ilokhu kudla, uthe bathole ngoLwesibili, ngesikhathi begasela esikoleni ukuthi izingane zabo zidliswe ukudla okungafanele.
“Sithe uma sifika esikoleni sathola ukuthi uthisha uqale wafika nalokhu kudla kuluhlaza ngoLwesine. Kuthiwa ukunike abaphekayo ekhishini wathi abakupheke. Kuthiwa babize uthishanhloko ukuzomkhombisa kona emva kokubona ukuthi kubhalwe ukuthi okwenzinja namakati,” kusho umzali.
Uthi uthishanhloko uyalele uthisha ukuthi abuyele nakho emumva ukudla ngoba ngeke kuphekelwe izingane.
Eqhuba umzali, uthe bathole ukuthi ngoLwesihlanu uthisha uphinde wabuya nakho esekuphekile, waphakela abafundi bebala elimnyama bekilasi lakhe.
“Ebusuku ngoLwesihlanu, ingane yami ivele yaphendukelwa isisu, yagula yacishe yafa. Lokhu kuqhubeke impelasonto yonke. Ngiqale nganganaka ngizitshela ukuthi iyagula nje kodwa kuthe sengishayelwa ucingo ngomunye umzali ngoMsombuluko.
“Ubengazisa ukuthi ingane yakhe iphethwe yisisu esinzima kusukela ngoLwesihlanu, ngaqala ngashaya amakhala ukuthi kanti kwenzekani ngoba neyami iphethwe ukugula okufanayo njengoba zifunda ekilasini elilodwa,” kusho umzali.
Uthe kugcine kuvela nabanye abazali nabo ebebeveza inkinga efanayo, base benquma ukuthi abaye esikoleni ukuyobuza ukuthi kwenzekeni?
“Yilapho esifike sathola khona ngokwenziwe wuthisha ngoLwesine nangoLwesihlanu,” kusho umzali.
Omunye umzali oveze ukuthi uthisha umisiwe esikoleni ngalo uLwesibili emva komhlangano ababe nawo nobuholi besikole, uthe abasamdingi lo thisha esikoleni.
“Asiyazi inhloso yakhe ukuthi iyini. Asisamdingi eduze kwezingane zethu ngoba kusobala ukuthi uyingozi,” kusho umzali.
Baveze ukuthi bavule necala esiteshini samaphoyisa eVerulam ngoba bafuna athathelwe izinyathelo zomthetho uthisha.
Usihlalo wesigungu sabazali, uMnuz King Ncanana, uthe isigameko banolwazi ngaso, wavuma ukuthi uthisha uyalewe ukuthi athi ukuma kancane esikoleni njengoba kusaqhubeka uphenyo.
“Okunzima ukuthi ngisho ukuthi uthini umphumela wophenyo, ungabuye ungithinte. Akubonakali ezokwamukeleka esikoleni njengoba abazali nomphakathi bedinwe begane unwabu ngesenzo sakhe esibonakala sinenhlese yokucwasa ngokobuhlanga,” kusho uNcanana.
Amaphoyisa abengakaphenduli ukuqinisekisa ukuvulwa kwecala.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe banalo ulwazi ngodaba futhi luyaphenywa.
“ Umiswe yithi singumnyango. Lolu daba siluthathela phezulu. Uma sithola ukuthi uthisha wenze okungafanele sizomthathela izinyathelo ezinqala,” kusho uMahlambi.