UNENGWA wukucanasa ngaphandle kwabasolwa kwelokubulawa kwelungu lawo, umndeni wowesilisa waselokishisni iHambanathi oThongathi, okuthiwa ushone emva kokushaywa ngesihluku, bamosa izandla nezinyawo okuthiwa bebemsolwa ngokweba okuthile.
Kwividiyo enyantisa igazi (Isolezwe elinayo), ikhombisa uMnuz Simangaliso Ngcobo (22) ekhala kabuhlungu kukhona abamokha ngensini, omunye ebhizi emtalabha ngemvubu, omunye ethi akafake izandla zakhe eklobeni lomlilo obasiwe, esigamekweni okuthiwa senzeke emasontweni amabili adlule.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe elingathandanga ukudalulwa, lithe ividiyo bayithunyelwe wothile emva komngcwabo, okuyilapho beqaphele khona ukuthi yizwi lobewubhongoza evathela umgilwa ngemvubu ngesikhathi abanye behleka, umshayeli wetekisi wakhona endaweni.
Kuthiwa umsolwa wuyena futhi owagijima wazobabikela ethi kukhona abathile abangaziwa abashaya umgilwa emgwaqweni.
“Emva kokuthola le vidiyo, owayithumela ilungu lomndeni, wayithumela kwiWhatsApp maqede wayibhlokha inamba yalo okuthe noma efonelwa ibingasangeni.
Ngosuku lwesigameko, umshayeli wetekisi ugijime wayobika kagogo, wathi nakhu umgilwa eshaywa ngabantu abathile emgwaqweni.
Kuyiwe endaweni yesigameko, isidumbu besidindilize kabuhlungu eceleni komgwaqo, silimele. Izinyawo nezandla bekunezibazi zokusha.
Ngesikhathi kulungiselwa umngcwabo, abekhona amahlebezi athi abenze lokhu wuyena umshayeli wetekisi owagijima wazobika ekhaya no-rank manager, kodwa siqale ukukholwa emva kokuthola le- vidiyo ethunyelwe wumuntu esingamazi, ngoba silizwile izwi lomshwayeli kuyo,” usho kanje.
Uthe okubaphatha kabi wukuthi abasolwa basazicanasela ngaphandle. Echaza umufi, uthe nakuba bekuwumuntu obhemayo, kodwa ubengasebenzisi izidakamizwa ezinamandla futhi engahluphi emphakathini.
Uveze ukuthi nakuba bengeke bamphikela ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona akuntshontshile kodwa abasolwa bebazi kubo kamgilwa kepha abazanga, okungenani bawazise umndeni, hleze bekuzoba nemizamo oyenzayo kunokuthi abulawe ngesihluku esingaka.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Thobekani Nene ukuqinisekisile ukuthi ikhona imibiko efinyelele kuye ngodaba lokubulawa kukaNgcobo, wanxusa ukungaphawuli ngalo okwamanje, eveza ukuthi lusasingethwe ngamaphoyisa.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukasihlalo kasoseshini wamatekisi oThongangathi, uMnuz Khulekani Goge, ayiphumelelanga.
Lesi sigameko sokubulawa ngosolwa ngokuntshontsha akusona esokuqala kule ndawo, njengoba kuthe ngo-2020 kwabulawa ngesihluku u-Andile ‘Bobo’ Mbuthu owayenza u-matric, esolwa ngokuntshontsha utshwala endaweni yokucima ukoma.
Kuleli cala kuboshwe abasolwa abayisikhombisa, okukhona kubo nomnikazi wendawo yokucima ukoma, uMnuz Mlungisi Thabethe odutshulwe wafa ngo-2021 emva kokuthi bededelwe ngebheyili yiNkantolo eNkulu yaseThekwini, esigamekweni okukholakala ukuthi sihlobene nombango wamatekisi.
Abanye abasolwa abayisithupha basengaphandle ngebheyili. Icala kulindeleke ukuthi libuyele enkantolo ngenyanga ezayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asoThongathi aphenya icala lokubulala.