BACHAZELWE ngemikhakha yemisebenzi ehlukene eminyangweni kahulumeni, bathola nethuba lokubhalisela ukuvota nemisebenzi emakhasini kahulumeni abebehambele umcimbi weThusong Service Centre obusemahhovisi aseSizakala eClermont izolo.
Umhleli womcimbi uMnuz Chris Hlatshwayo, ongomunye wabaphathi emtapweni wolwazi waseClermont, uthe inhloso yalo mcimbi ukuthi basondeze iminyango kahulumeni eyahlukene ebantwini ukuze baxhumane nayo kalula.
“Lo mcimbi siwenza minyaka yonke futhi asigcini lapho, sibiza ngisho abanezinhlangano ezahlukene ukuthi babeyingxenye yalo mcimbi,” kusho uHlatshwayo.
USergeant Sibusiso Mchunu osuka ophikweni lweSocial Crime Prevention emaphoyiseni KwaDabeka ugqugquzele amalungu omphakathi ukuthi abike izigameko zobugebengu ukuze kwehle izinga labo kule ndawo waphinde wabatshela ngezinhlelo ezintsha abanazo emaphoyiseni.
"Siqale uhlelo olusha olubizwa ngokuthi iSpiritual Crime Prevention lapho sisebenzisana nabaholi bezenkolo nabelaphi bendabuko ukuthi silwe nobugebengu. Sinendawo eseceleni lapho abahlukumezekile ngokobulili nabahlukunyezwe abasondelene nabo bebika izinkinga zabo endaweni esesithe," kusho uMchunu.
Omunye wabasizakele, uNksz Nelisiwe Nhlanzi osuka KwaMashu uthe usizakele ngalolu hlelo ngoba uchazelwe ngezindlela zokubhalisela imisebenzi yakwamaspala.
“Ngijabule kakhulu ukubhalisela umsebenzi futhi ngichazelwe kahle ukuthi kubhaliswa kanjani ngoba abafowethu nodadewethu abebesilekelela bebenesineke. Lolu hlelo lube usizo ngoba ngisho nemali yokufuna umsebenzi ayikho,” kusho uNksz Nhlanzi.
UNksz Smangele Ngema uthe ujabule kakhulu ngokuhambela lo mcimbi ngoba ubhalisele imisebenzi kamaspala.
“Uma ngingase ngithole umsebenzi impilo yami ingashintsha kakhulu ngoba ngingakwazi ukunakekela umndeni wami,” kusho uNksz Ngema.