NKOSIKHONA CELE
ADIDEKILE amalungu omndeni wakwaMkhwanazi, eMacambini ngesenzo sabesilisa abayizihlobo abahlasele indodana yekhaya bayibhokoda ngomkhonto esiswini yafa, bekhala ngokuthi ibukisa ngabo njalo kubantu ngoba iyabehlula ngenduku.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, uMnuz Njabulo Mkhwanazi (42) obeyingqwele yenduku kule ndawo uhlaselwe ngabesilisa abathathu abangabazala bakhe bambulala elele.
Kuthiwa balimise ngesihloko elokuthi bambulalela ukuthi uyingqwele yenduku, sebekhathele nguyena, kungcono amane afe kube kanye.
UMnuz Senzo Mkhwanazi, ongumfowabo kamufi uthe namanje basathuthumela futhi amakhanda abo asaduma ngesehlo esibehlele bewumndeni wakwaMkhwanazi.
Uthe kuyadabukisa ukuthi umfowabo ubulawe ngabazala bakhe ngoba nakhu ebahlula ngenduku uma bengcweka. Uma elandisa uthi abazala bakhe bebekade behlulwe ngumfowabo ngenduku.
Bavele bakhetha ukumhlasela kubo ebusuku elele. “Ibuhlungu kakhulu indlela umfowethu abulawe ngayo. Ubulawe sengathi yinkulu into ayenzile ekubeni kungenjalo. Bavele bamhlasela ngo-3 ezintatha behambisana bebathathu, bambhokoda ngomkhonto esiswini,’’usho kanjena.
Okubuhlungu kakhulu uthe bewumndeni kuyabakhathaza ukuthi abasolwa baboshiwe babuye badedelwa.
Uthi umseshi wecala uvele wabatshela ukuthi ubufakazi kabuhlangani bokuthi abasolwa yibona ababulale umfowabo.
“Kuyangixaka mina ukuthi kanti yini okumele siyenze ukuze abazala baboshwe ngoba phela le nto bayenze ngikhona ngibuka,’’usho kanjena.
Eqhuba uthe ngemuva kokuba abazala bakhe sebembulale ngesihluku umfowabo, ube esethatha isinqumo sokuthi aye kubona ayobabuza ngale nto embi kangaka abayenzile.
Uthe kuthe efika nje kubona bamane bavuka indlobane, besho ukumqeda ngenduku. Bathi akaphume aphele ngoba bona bebelungisa umhlaba ngokubulala umuntu obebukisa ngabo emhlabeni.
Kuthiwa belungayi olubuyayo uma uqhathwe naye. Lokho kuthiwa kumenze waba yisilomo emphakathini waseMacambini kanjalo waphinda waba yisilomo nakubantu besifazane.
Lapho ahamba khona kuthiwa abesifazane bebemeza bethi: “Nansi ingqwele.” Konke lokhu kuthiwa bekubanenga abazala bakamufi.
Omunye umfowabo kamufi, ongathandanga negama lakhe uthe naye badumele ngokuthi umfowabo usengaze afele ubala olufana nalolu.
Uchaze umfowabo njengensizwa ebiwumpetha wenduku, obekuthi uma insizwa izobhekana nayo imane itatazele zibekwa nje.
Ngesikhathi bembulala kuthiwa umkhonto bawushiye kanjalo esiswini, omunye wezwakala ekhuluma ethi: “Hamba uyoba yingqwele ezulwini.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLiutenant Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala esteshini samaphoyisa eNyoni.
Uthe kusolakala ukuthi owesilisa oneminyaka engu-40 uhlaselwe ngesikhathi ekanye nomndeni wakhe eMandeni wabulawa kabuhlungu.
“Lo wesilisa kubikwa ukuthi ulinyazwe kabuhlungu ngabesilisa abavelile eNkantolo yaseMthunzini kuleli sonto, ”usho kanjena.