KUPHITHANISELE ngamakhanda futhi kwadida ubuholi bukaMasipala waseThekwini ukuphucwa imali enguR100 million ewuxhaso wuMgcinimafa ngoba kubonakala ukuthi ngeke isetshenziswe.
Imali ethathiwe iyingxenye kaR2.5 billion woxhaso, i-Urban Settlement Development Grant (USDG), lokwakha kabusha nokulungisa ingqalasizinga yamanzi, ugesi neyokuthuthwa kwendle.
Iziphathimandla zithi kumangazile ukwephucwa lemali maphakathi nonyaka wezimali u-2022/23 njengoba kuyaye kwenziwe uma usuphelile.
Umasipala ufanise isenzo soMnyango weziMali nowezokuHlaliswa kwaBantu nokugqemeka udume lwengozi, wathi kuzoshovela emuva izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda eyacekelwa phansi izikhukhula zanyakenye.
ITheku lithi bese lisebenzise u-69% we-USDG, kusele u-39% ebelizowusebenzisa uphele ezinyangeni ezintathu ezisele kusongwe unyaka wezimali esikuwona.
Esitatimendeni elisithumelele abezindaba iTheku lizishaye isifuba, lathi eminyakeni emihlanu eyedlule beliyisebenzisa iphele yonke lemali.
Ikhuluma esiteshini sabezindaba esikhokhelwayo, iMenenja yeTheku, uMnuz Musa Mbhele ithe nasePhalamende babizwa bashayelwa ihlombe ngokusebenzisa ngendlela efanele le mali.
Uthe yingakho besazoxhumana nohulumeni kazwelonke ukuze bacaciseleke ngesinqumo sakamuva.
Ukugcizelele ukuthi akulona iTheku kuphela eliphucwe lemali kodwa nabanye omasipala ezweni.
Iqembu lezepolitiki i-ActionSA eThekwini, liphume iqhubu neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda lathi imali ithathwe ngaphansi kobuholi bakhe.
UMnuz Zwakele Mncwango oyikhansela le-ActionSA eThekwini futhi ophinde abe ngumholi wekhokhasi yaleli qembu, uthe imali ebuyiselwe emuva ibingenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu abakhele lo mkhandlu.
“Sinemeya eyenza sengathi yisimo esijwayelekile esikusona, efuna ukuqhathanisa uMkhandlu weTheku neminye imikhandlu.
“UMasipala uhlale ukhala ngokuthi imali ayikho uma kumele ulungise ingqalasizinda manje kuyathusa ukuthi uR100 million ubuyiselwe emuva ungasetshenzisiwe,” kusho uMncwango.