BAQUNGELE imvula namakhaza bamasha abasebenzi abayitoho kuMasipala waseThekwini bethi sebekhathele ukuxhashazwa beholelwa amakinati futhi sebefuna ukuqashwa ngokugcwele.
Bebeholwa inyunyana iMunicipal and Allied Trade Union of South Africa (Matusa).
Kwayona le nyunyana ikhala ngalo mkhandlu ukuthi wala ukhasha ukuyamukela njengenyunyana esemthethweni emele abasebenzi.
Unogada wenkampani ezimele esebenzisana nomasipala, uMnuz Simlindile Chagi, uthe usesebenze iminyaka engaphezu kwengu-25 egada ingqalasizinda kamasipala emqoka.
Uthe banikela ngempilo yabo, abaphathi zibhamu, basebenza emnyango kodwa baholelwa utiki.
“Siyahlupheka, asiyi phambili futhi kudala sizabalaza akukho lapho esiyakhona. Sifuna umasipala usiqashe ngokugcwele uthathe le mali oyinika izinkampani ezisiqashile uholele thina,” kuchaza uChagi
UMnuz Peter Busani, ofunda ama-meter kamasipala, uthe bagcine ngoJuni emsebenzini emuva kwalokho bamiswa kumanje babhuquza ekhaya.
Uthe banemindeni ebheke bona kodwa akukho noyedwa emkhandlwini obatshelayo ukuthi kwenzekani.
IMatusa ithe kunabasebenzi abaneminyaka eyevile kwengu-15 beyitoho umqashi angayingeni eyokubaqasha ngokugcwele.
Iphini likaNobhala weMatusa uMnuz Thulani Ngwenya, lithe kunabasebenzi abayitoho ohlelweni i-Extended Public Work Programme (EPWP) abaxhashazwayo.
Kukhona onogada, abasebenzi basezindlini, abafunda ama-meter esifuna baqashwe ngumasipala.
“UMasipala waseThekwini ukwemikhulukazi (eNingizimu Afrika) kodwa abasebenzi bakhona baholelwa amakinati. Umkhandu ujabulela ukusebenzisana nezinyunyana okha khezo lunye nazo,” kuchaza uNgwenya.
Usole umasipala wathi uyivalela ngaphandle ngamabomu iMatusa ngoba ikhulumela abasebenzi ayigudli iguma.
Laba basebenzi banqumele umasipala izinsuku eziyisikhombisa ukuba uphendule. Basabise ngokugodla amandla abo uma umqashi engaphenduli.
Okhulumela umasipala, uNkk Gugu Sisilana uthe basakufunda okubhalwe i ohlwini lwezikhalo abanikezwe lona izolo.
Uthe bazophawula ngakho ezinhlakeni ezifanele esikhathini okuvunyelwene ngaso.
Uhlu lwezikhalo lwamukelwe lwasayinwa eCity Hall ilungu lesigungu esilawula umasipala, uMnuz Thembo Ntuli.
UNtuli ubekade ethathe uhlu kuNobhala-jikelele womfelandawonye wezinyunyana iSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi.