INHLANGANO elwa nobugebengu emphakathini, i-Action Society, isiveze ukuthi ifuna icala lokubulawa kukaBokgabo Poo (4) lithethelwe enkantolo enkulu.
I-Action Society ikusho lokhu izolo emva kokuthi uMnuz Ntokozo Zikhali osolwa ngokuthumba, adlwengule aphinde abulale uBokgabo, evele eNkantolo yeMantshi yaseBenoni, ngoLwesibili.
Kusolwa ukuthi uZikhali wakwenza lokhu ngoOkthoba, nyakenye.
Ezinye izicubu zesidumbu sikaBokgabo azikaze zitholakale namanje kanti umndeni wakhe usazifunakumsolwa.
Icala lihlehliselwe uMashi 30.
Umxhumanisi we-Action Society, uTshepi Mmekwa, uthe ngokulinganayo, inhlangano, umndeni kaBokgabo nomshushisi, bafuna ukuthileli cala liqulelwe enkantolo enkulu.
“Sifuna ukubona ukuqulwa kwecala likaBokgabo kwenziwa enkantolo enkulu ngenxa yobucayibalo ukuze sizoqinisekisa kuthi umsolwathola isigwebosimfanele,” kusho uMmekwa.
Uthe sekuyisosikhathi sokuthi izigebengu ezihlukumeza bantuesifazane nezingane gixabezwe ngezigwebo ezizifanele.
“Ngebhadi, sekujwayelekile ukuthi sibone abasuke belahlwe amacala abucayi benikwa izigwebo ezingasho lutho, sibabone sebebuyele emphakathini esikhathini esifushane ukuthi baphinde bayokwenza amacala afanayo futhi,” kusho uMmekwa.
Ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesibiliuZikhali, umshushisi u-Adv Elizabeth Bisi, uvezeukuthi isinqumo sokuthi icala lizoqulelwaphi sizothathwa wumqondisi wokuShushiswa koMphakathi.
Khonamanjalo, ipaki okwanyamalala kuyo Bokgabo iqanjwe kabusha ngaye. Lokhu kwenziwe wuMasipala waseKurhuleni ngenyanga edlule.
Ngaphambi kokuthi lingene enkantolo leli cala ngoLwesibili, unina kaBokgabo, uNksz Tsholo Poo, undizise amabhelude ukujabulela isenzo sikamasipala.
Kanti ngesikhathi esevela enkantolo umsolwa, unina kaBokgabo edinda isililo, unxuse umsolwa ukuthi abatshele ukuthi ziphi ezinye izicubu zesidumbu sikaBokgabo.