BASALE nabebekugqokile osonhlakahle abangasebenzi abaqhinqe eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, emva kokukhuthuzwa amaphara.
Labo sonhlalakahle abangaphezu kuka-20 balahlekelwe yikho konke ngesikhathi bekhuthuzwa ngoLwesihlanu, belele ngaphandle kweHhovisi likaNdunankulu eliseMgungundlovu.
Osonhlalakahle abangasebenzi ilokhu baqala ukuqhinqa eHhovisi likaNdunankulu ngo-Agasti, njengoba bekhala ngokungaqashwa.
NgoLwesihlanu bekuhlangana izinsuku ezingu-35 belala ngaphandle kweHhovisi likaNdunankulu.
Omunye walabo sonhlalakahle abangaphezu kuka-20,, abaqhinqe eHhovisi likaNdunankulu, uNksz Nonkululeko Mdiniso, uthe bonke baficwe ubuthongo ngezintathakusa zangoLwesihlanu, baphaphama amaphara esebaleka nezimpahla zabo.
“Sivuswe omunye uzakwethu esememeza. Sithe uma sivuka sabona elinye iphara seliyosithela nesikhwama esigaxwa emhlane. Sizamile ukulilandela, sangalifica.”
UNksz Mdiniso uthe bantshontshelwe izinto ezibalulekile ezifana nomazisi, izincwadi zokushayela kanye nemali.
“Sisale nalokhu ebesikugqokile. Bashanele konke obekusezikhwameni zethu. Bathathe ukudla esikuphiwa abantu okukhona kukho impuphu namaqanda. Bathathe nemali yokugibela kwazise njalo ngoLwesihlanu siyaye siye emakhaya, size sibuye ngeMisombuluko.”
UNksz Mdiniso uthe bekungokokuqala ukuba babhekane nalesi simo kusukela baqala ukuqhinqa eHhovisi likaNdunankulu.
UNksz Mdiniso uthe isigameko sangoLwesihlanu angeke sibaqede amandla, wathi bazoqhubeka nokuqhinqa.
“Sifuna ukuthola impendulo eqondile. Akukwazi ukuthi kusukela ngo-2013 umnyango ulokhu usitshela into eyodwa, ukuthi ayikho imali yokuqasha osonhlalakahle.”
UNksz Mdiniso uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal awubanikezi zimpendulo.
“Uma sithumela ama-email abasiphenduli. Kunemibiko ekhombisa ukuthi umnyango wabelwa imali yokuqasha osonhlalakahle, wakhetha ukuyisebenzisa kwezinye izindawo.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko esiphenywa amaphoyisa asePietermaritzburg.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezeNhlalakahle, uMnuz Thuba Vilane, uthunyelwe imibuzo ngodaba lokuqhquna kwalabo sonhlalakahle, okushaye isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.
Ngesikhathi labo sonhlalakahle beqala umbhikisho wabo, kwamiswa umhlangano weKhabhinethi, uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, nabaphathiswa, baya kolalela izimfuno zalabo sonhlalakahle.