Ufuna ubulungiswa umndeni wakwaKhwela eNtambanana, eMpangeni, kulandela ukudutshulwa kubulawe ilungu lomndeni walo ngamadoda angaziwa agalela emzini wabo ebusuku ezibiza ngamaphoyisa.
Isolezwe Ngempelasonto lixoxa nowomndeni, ongathandangwa ukudalulwa igama lakhe, uthe lesi sigameko senzeke ngentathakusa yangoMgqibelo odlule lapho okwathi abomndeni walo belele kwenye yezindlu ezisegcekeni, bavuswa wukungqongqoza ngesankahlu kwamadoda emnyango.
Uthe la madoda angaziwa ukuthi angobani, nababekhona abanganakanga ukuthi ayemangaki ngoba kwakusebusuku kakhulu futhi kumnyama, afike angqongqoza emnyango wendlu kamfowabo azibiza ngamaphoyisa.
Uthe umka mfowabo nezingane baqale baziba isikhashana, bedidwa yisankahlu sokungqongqoza emnyango okwathi ngokuzwa ukuthi abangqongqozayayo abazimisele ukuyeka futhi sebeshaya kabana nasemafasiteleni, bagcina bevulile.
“Kuthe sebevulile, laba balisa bangena ngaphakathi bashaya ingane yomfowethu nomkakhe base bebathatha baya nabo kwenye indlu bafike babafaka kuyona. Kuthe noma sebelapho baqhubeka nokubashaya ngesihluku namanye amalungu omndeni ayekuyona base bebahudulela emnyango,” kusho ilungu lomndeni.
Liqhuba lithe ngokuzwa umsindo, inhloko yekhaya, uMnuz Phumlani Khwela, yaphumela emnyango ukuyokhuza umhlola kanti ayibuzanga elangeni - yazithela kwizimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili.
“Laba balisa bamkhombe ngesibhamu bathi akalale phansi. Kwathi esalele phansi kanjalo bavulela ngenhlamvu wadubuleka ekhanda, waphelela khona lapho kubuka wonke umuntu maqede bashaya bachitha bemshiya esefile,” usho kanje.
Umufi Khwela (66) ufihlwe izolo kanti ushiye emhlabeni izingane eziyisithupha nabazukulu abayisishiyagalolunye.
Liqhuba ilungu lomndeni, lithe okwenza bakhathazeke kakhulu ngalesi simo wukuthi isigameko esinjena asiqali ukwenzeka emndenini njengoba nango-2010 kwadutshulwa kwafa umzala walo ebulawa ngamaphoyisa mhla kubhoke izigameko zodlame endaweni. Lithi nalapho kwagcina bungenziwanga ubulungiswa.
“Kuyasikhathaza ukuthi siqothelwa amalungu omndeni ngabantu abazibiza ngamaphoyisa okufanele ngabe yibona abasivikelayo siwumphakathi. Kuyasikhathaza kakhulu lokhu futhi kumanje sizizwa singaphephile ngoba asazi ukuthi kuzokwenzekani olunye olubi kusukela manje,” kusho ilungu lomndeni.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNtambanana aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa komlisa oneminyaka ewu-66 endaweni ebizwa ngokuthi kuseMthombeni.
“Imibiko esayithola ithi umsolwa wafika emzini kamgilwa wangqongqoza emnyango. Kwathi umgilwa evula umnyango, umsolwa wavulela ngenhlamvu amahlandla amaningi kuyena,” kusho uNetshiunda.