KUBE nzima nokukhuluma kuyise wamadodana amabili okubikwa ukuthi enye ibhokode ngommese enye eSunnyside Park, ngase-AdamseThekwini, izolo.
Kuthiwa umufi obeneminyaka ewu-19 ugwazwe wumfowabo oneminyaka ewu17 ngezikhathi zasekuseni, elungiselela ukuya esikoleni. Ngokuzwa kwaleli phephandaba, lezi zelamani zibe nengxabano okusolwa ukuthi yiyona eholele ekutheni omncane agwazeomdala.
Uyise wezelamani uveze ukuthi ukhathazekile, wabe esecela ukuthi angaphawuli. "Akukho engingakusho njengoba lolu daba selusemaphoyiseni. Konke njengamanje kusemaphoyiseni. Ngicela uxhumane nawo," kusho uyise.
Kuthiwa kwenziwe yonke imizamo yokuhlenga umufi, waphuthunyiswa nasemtholampilo oseduze kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, wagcina ngokushona.
Amaphoyisa akulesi sifundazwe asiqinisekisile isigameko. Okhulumela amaphoyisana, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe wumsolwa owaziwayo othinteka kulesi sigameko.
"Amaphoyisa aKwaMakhutha aphenya icala lokugwazwa kubulawe owesilisa oneminyaka engu-19, umsolwa (17) owaziwayo eSunnyside Park. Umsolwa uboshiwe, wabuye wadedelwa ngaphansi kweso labazali.
“Uzovela eNkantolo yeMantshi eMbumbulu ngoFebhuwari 15," kusho uLt Colonel Gwala.