KUPHAZAMISEKE ukuhamba kwezimoto, abantu bangakwazi ukufinyelela ezindaweni abasebenzela kuzo nasezikoleni, ngenxa yokuvalwa kwemigwaqo engenela edolobheni, ePort Shepsone, nasezindaweni ezisondelene nalo, okukholakala ukuthi kwenziwe ngosomatekisi abakhala ngokushaqwa kwezimoto zabo ngamaphoyisa afuna izimvume.
Lesi siteleka singenele osukwini lwesibili izolo njengoba siqale ngoMsombuluko. Abebevale umgwaqo kuthiwa bebededela kuphela abama-ambulensi nabezimoto zezimo eziphuthumayo, kanti iningi labafundi, othisha, abasebenzi namalungu omphakathi basale dengwane.
Iningi labantu abathinte Isolezwe abangathandanga ukudalulwa lithe lisondelene nabemboni yamatekisi, liveze ukuthi ukushuba kakhulu kwesimo izolo, kubhebhethikiswe ukungafiki koMphathiswa woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu uMnuz Siboniso Duma, obekulindeleke ukuthi ahlangane nosomatekisi enkundleni yezemidlalo eMarburg ngoMsombuluko, kodwa okuthiwa ugcine engafikanga.
“Kubukeka sengathi uDuma akayisukumelanga le nto isaqala njengoba isisiphazamisa sonke. NgoMsombuluko bekungcono ngoba izimoto ezincane bezingavinjwa bekungamatekisi namabhasi kuphela angahambi, kodwa namhlanje (izolo) kuvinjwa yonke into ngaphandle kwabama- ambulensi. Nami bekumele ngivuke ngiye emsebenzini, kodwa ngigcine sengizilalela ngoba akukho engizokwenza akuphumi lutho nje.”
USihlalo wenhlangano yosomatekisi i-South African National Taxi Council esifundeni Ugu, uMnuz Lethu Maphumulo, uthe abakhala ngakho ukushaqwa kwezimoto zabo ngamaphoyisa kaShanela ngenxa yezimvume.
“Iphutha lingakubo, abasiniki izimvume zethu. Izimoto zethu ziboshiwe, sigcina sesingena ezikweletini ngoba siyazikhokhela. Kwesinye isikhathi zigcina sezidliwa lapho sizithenga khona, kungcole izithupha zethu ngoba kuthiwa siboshelwa izimvume. Sifuna umnyango udedele izimoto zethu ukuze sisebenzea,” usho kanje.
Uxolisile kubagibeli abazithola sebengondingasithebeni, wathi abaqondile ukubahlukumeza kodwa bazama ukulwela amalungelo abo ukuze bamelane nempilo.
Ngesikhathi sokushicilela, umnyango ukhiphe isitatimende sokuthi uzohlangana nobuholi beSantaco esifundeni Ugu, khona izolo ntambama.