BAKHONONDA ngokungazitholi izikhala zokubhalisa izingane zabo esikoleni samabanga aphakeme, iVelabahleke esiseMlaza, abazali babafundi besikole esakhelene naso, iSikhwelo Primary.
IVelabahleke High, ingesinye sezikole ezenza kahle minyaka yonke uma sekumenyezelwa imiphumela ka-matric, okwenza ukuthi uma uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal umemezela ukuvulwa kwesikhathi sokubhalisa, inqwaba yabazali abavela ezindaweni ezahlukene bathutheleke kulezi zikole ngenhloso yokutholela izingane zabo izikhala zokufunda.
Lokhu sekwenze abazali besikole esakhelene naso bakhononda, bathi kabazi ukuthi izingane zabo zizofunda kuphi ngonyaka ozayo ngoba kuvalwe isikhathi sokubhalisa bengazitholanga izikhala.
Omunye wabazali ongathandanga ukudalulwa, uthe bayisishiyagalolunye kuphela abafundi abavela eSikhwelo abathole izikhala eVelabahleke ngoba kuthiwa uhlelo lokuthathwa kwabafundi luphothulwe ngoMsombuluko.
“Okubuhlungu wukuthi yisona sikole esisondele esisendaweni. Ukungathathwa kwengane yami kusho ukuthi kumele ngiyifunele isikole esiqhelile, okuzodingeka ngiyikhokhele imali yokugibela njengoba isimo somnotho singesihle, angazi ukuthi ngizoyithathaphi,” kubalisa yena.
Omunye umzali uthe ngesikhathi kuvuleka isikhathi sokubhalisa ngoJanuwari, uyile esikoleni ngenhloso yokuyobekisa isikhala sengane yakhe efunda u-grade 7 eSikhwelo, kodwa uthishomkhulu wamtshela ukuthi bekunezikhala ezingu-100 kuphela, ezinye eziwu-200 zizovuleka ngo-Ephreli sekuvulwa uhlelo lokubhalisa.
“Uma ngibuyela ngawo u-Ephreli, ngiphoxekile ngitshelwa ukuthi kwazona eziwu-200 seziphelile futhi izingane bezithathwa kubhekwa izinga eziphase ngalo ekoteni yalo nyaka.
Ezinganeni ezingu-100 ezenza u-grade 7 eSikhwelo, ziyisishiyagalolunye kuphela ezithathiwe, ezinye ziqhamuka ezindaweni ezingaphandle,”usho kanje.
Ezinye izikole ezivamise ukuba nenkinga efanayo yokuthutheleka kwabazali ukuzobhalisa izingane zabo kuzo uma kuqala uhlelo lokubhalisa, yiMenzi High eMlaza, iBizimali High eNkandla nezinye ezidume ngokukhiqiza imiphumela emihle kakhulu eheha abazali ukuthi bathumele izingane zabo kuzona.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal kawutholakalanga ukuphawula. Imibuzo othunyelwe umnyango kayiphendulwanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.