AMALUNGU omkhandlu wezifundazwe ePhalamende afuna incazelo ephelele kwiMeya yeTheku ukuthi yini ebambe ukusebenza kohlelo lwamabhasi iGo! Durban elinesabelo sika-R9 billion okwakumele luqale ukusebenza ngo-2016?
Lokhu kuvezwe uMnuz Mzamo Billy, onguSotswebhu wamalungu eNational Council of Provinces (NCOP) aqhamuka KwaZulu-Natal.
Uthe bayile ukuyohlola la mabhasi ngoLwesithathu, amile awasebenzi.
"UMasipala weTheku nabantu bamatekisi abavumelani ngokusebenza kweGo! Durban. Ziyabola izinto ezibekwe lapha nemigwaqo eyakhiwe ngenxa yokuthi umasipala uyahluleka ukuvumelana nabamatekisi," kusho uBilly.
Uqhube ngokuthi beyi-NCOP ngeke bahlale basonge izandla babukele izinto ngendlela ezenzeka ngayo, bazofuna umbiko ophelele kwiMeya, uMnuz Cyril Xaba.
Uveze ukuthi imeya izibophezelile ukuthi izohlanganisa izinhlaka ezahlukene, baqhamuke nesu lokuyilungisa into yokungaboni ngaso linye.
"Amabhasi eGo! Durban azolekelela abantu abahluphekayo futhi abadinga ezokuthutha eziqondile. Abantu baKwaMashu, eClermont nakoNew Germany bayawadinga la mabhasi," kuchaza uBilly.
Kuleli sonto, amalungu eNCOP abehambele izifundazwe eyobheka angase alekelele ngakho.
Bathole ukuthi kunemisebenzi engaqhubeki ephelelwe yimali, ishiywe dengwane, kayiqediwe, eminye imiswe abafuna ngodli u-30% wemali.
Leli thimba liye naseHammarsdale liyohlola isikhungo esihlanza inyubathi okuthiwa kumisiwe ukwakhiwa kwayo.
"Kunemibiko ethi kumile ukwakhiwa kwayo ngenxa yokuthi kunabantu abaphazamisayo. Kuthiwa usonkontileka akanawo amandla okwenza lowa msebenzi," kusho uBilly.
Kudlulelwe nasesikoleni iMenzi High eMlaza, lapho bekunemibiko ethi kumisiwe ama-construction mafia ukwakhiwa kwesikole.
Uthe beyi-NCOP ngeke bavumele izimo lapho abantu abafuna ibhizinisi babeke izimfuno zabi phambili kunekusasa labafundi balesi sikole esikhiqiza o-100% bemiphumela ka-matric minyaka yonke.
Lwaqala ngoJuni 2022, uhlelo lokunweba lesi sikole ngamakilasi awu-13 nezinye izinto ngesabelo sika-R37 million.
Bekumele luphothulwe ngoDisemba 2024, lolu hlelo kodwa sekuzoba uMashi 2025, okuyinto ekhalisa i-NCOP nomphathiswa wemiSebenzi yoMphakathi eKZN, uMnuz Martin Meyer, abathe kuzokwanda izindleko.
Unobhala wenhlangano yabhizinisi abamnyama i-Black Business Federation, UMnuz Wonder Jaca, ukhale ngabamisa imisebenzi wathi bonela nabo.