AWUSABUTHI quthu ubuthongo umndeni wowesifazane waseMbumbulu, onyamalele okuthiwa ugcine ukubonwa endaweni yobumnandi i-London, Kwa-L, KwaMashu, lapho bekunentundabebhekene yephathi ngoMgqibelo.
UNksz Amile Khambule kuthiwa uhambe kubo ngawo uMgqibelo, engumuntu oya ebanganini bakhe ayesebenza nabo eVerulam.
Ngokusho kukagogo kaNksz Khambule, uNkk Patience Khambule, ehamba wathi uzobuya ngeSonto, nokugcine kungenzekanga.
Uthe baqale ukukhathazeka ntambama ngeSonto bebona engaqhamuki, nasocingweni engatholakali.
“Sivuke ngoMsombuluko, saphinde samzama kodwa lutho ukumthola,” kusho uNkk Khambule, othe bagcine beya emaphoyiseni ngoLwesibili, ukuyobika umuntu odukile.
Uthe baphinde baluzama ucingo lwakhe, lwabanjwa umfana waseWoodlands othe ungumngani kaNksz Khambule.
“Usitshele ukuthi u-Amile wamgcina ngoMgqibelo, eLondon. Uthe yilapho amnika khona iselula yakhe ukuthi amphathele yona, wagcina egoduka nayo, esemcinga engasamtholi,” kusho uNkk Khambule.
Uthe okwenza bashawe uvalo ngokunyamalala kwakhe ukuthi wahamba engaphethe ngisho nezingubo zokushintsha, okukhombisa ukuthi wayengumuntu ozobuya ngakusasa.
Uphinde wathi okunye okwenza basole ukuthi kukhona okungenzeka ukuthi kumehlele, ukuthi ungumuntu ozihloniphayo izinsuku zesikole njengoba enza unyaka wokuqala e-Berea Tech.
“Yena uvamile ukuzihambela nabangani bakhe ngezimpelasonto kodwa uyaqinisekisa ukuthi ngeSonto uyabuya ngoba usuke azi ukuthi ngoMsombuluko kumele aye esikoleni,” kusho yena.
Isolezwe libuye lathola nezikhalo ngeLondon, izakhamizi eziyakhele, zithi ziyafa umsindo futhi kuphazamiseka nokuhamba kwezimoto emigwaqweni eyakhele.
Kuthintwa umnikazi weLondon, uMnuz Xolani Mabanga, uthe uNksz Khambule ungomunye wabesifazane abathathu okusabalale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi badukile.
Nokho uthe kuthe sekulandelelwa kahle, kwatholakala ukuthi usekhona kule ndawo yobumnandi nabangani.
Ugcine ethi uzokwenza imizamo yokuthi aye endaweni yobumnandi, amthathe uNksz Khambule amgodukise ngenkani.
Ephendula ngomsindo nokuphazamiseka kokuhamba kwezimoto, uthe ngaphambi komcimbi, ubize umhlangano nezakhamuzi ezakhele indawo, ebika ukuthi kuzoba nomcimbi onesasasa, wabuza ukuthi zikhona yini izikhalazo ezikhona, umphakathi wathi cha.
“Kunokuthi bakhalaze, bathe bacela ukuthi bavunyelwe ukuthi bazidayisele ngaphandle kwendawo, bazenzele imadlana, savumelana. Abathi kunezikhalazo, ngikholwa ukuthi abantu nje abadlala umona, ngokubona ukuthi indawo ibe nomcimbi oyimpumelelo, ongabanga nazo izigigaba,” kusho uMabanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMbumbulu avule idokodo lokulahleka komuntu.
Uthe noma ngubani ongaba nolwazi angathinta amaphoyisa aseMbumbulu, noma ashayele inombolo yamaphoyisa yamahhala ethi 08600 10111.