UKHUNGATHEKILE umndeni wendoda yaseMgungundlovu, enyamalale emva kokushayelwa izinsolo zokuntshontsha endaweni edayisa utshwala.
Sekuphele amasonto amathathu uMnuz Nkosinathi Ngcobo (36), waseDepho, eTaylor’s Halt, engatholakali.
Umndeni wakhe wagcina ukumbona eshaywa umnikazi wesitolo owayemsola ngokuntshontsha utshwala nemali.
Umndeni uthe uma bebuza umnikazi wendawo edayisa utshwala ubatshela ukuthi uNkosinathi waphunyula ngesikhathi eshaywa, wabaleka, bangabona ukuthi uphelela kuphi.
Lo mndeni uthe usubheke ezibhedlela, emakhazeni nasemahlathini kodwa abamtholi.
Kuboshwe oMnuz Simiso noPhilani Ngcobo, ngokuduka kukaNkosinathi.
Ngeledlule, inkantolo ichithe isicelo sebheyili sala madoda kanti kulindeleke ukuthi aphinde avele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, ngoJulayi 11.
Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuba lingadalulwa igama lalo, uNkosinathi wayekade ehambile eyozijabulisa nabangani bakhe ngosuku lwesigameko.
Lithe uNkosinathi wabuya phakathi nobusuku, nokwathi emva kwalokho kwagasela umnikazi wendawo edayisa utshwala ehamba namadoda amathathu.
“Ngezwa kungqongqoza abantu ngendluzula. Ngithe ngisathuswe yilokho, ngezwa kufa amawindi. Babe sebengena nezicabha, baqonda egunjini likaNkosinathi. Kwangicacela ukuthi bayamazi umuntu abamfunayo.
“Babe sebemhudula, bemshaya. Emva kokuthi sengibezwile ngamazwi ukuthi bangobani, ngabe sengiya kubona ngiyobabuza ukuthi kwenzenjani? Bavele bangithuka, bangibhekisa le. Ngathi uma ngibuza ukuthi kungani bengamvuleli icala, bathi uzokhishwa ngebheyili bese eyabuya ezobabulala.”
Leli lungu lomndeni lithe emva kwalokho, la madoda abe esehudula uNkosinathi aya naye endaweni okudayiswa kuyo utshwala engekho kude kakhulu nakubo, nalapho afike aqhubeka nokumshaya.
“Ngabheka isikhwama esasiphethwe uNkosinathi, ngathola utshwala nemali phakathi. Ngathi uma ngisihambisa kuwona (amadoda), athi aziphelele izinto ezintshontshiwe. Aqhubeka nokumshaya.”
Leli lungu lomndeni lithe kwathi uma sekuzokusa lahamba laya ekhaya.
Lithe lathuka uma selibuyela endaweni edayisa utshwala lafika uNkosinathi engasekho.
“Bangitshela ukuthi uphunyukile, wabaleka. Angazi ukuthi waphunyuka kanjani ngoba babembophile futhi wayengasenawo amandla okubaleka ngoba base bemshaye kakhulu?”
Leli lungu lomndeni lithe isimo sinzima kakhulu emndenini njengoba uNkosinathi engatholakali.
“Imphazamisile kakhulu umama le ndaba, sekungathi usephanjanelwa umqondo. Usehlala ehamba emfuna emahlathini. Ngelinye ilanga ufike akhale phambi kwale ndawo edayisa utshwala, ethi abambuyisele ingane yakhe.”
Leli lungu lomndeni liphinde lakhala nangokudembesela kwamaphoyisa asesiteshini iTaylor’s Halt.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstabele Thenjiswa Ngcobo, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe ngeSonto, ngalolu daba.