UKHATHAZEKILE umphakathi waseMadadeni, eNewcastle, ngamaqembu ezigelekeqe okuthiwa ziphatha izikhali eziyingozi ezikoleni zakule ndawo, zisabise abanye abafundi.
Kusolwa isalukazi sendawo okuthiwa sinika amalungu alawa maqembu ezigelekeqe amabhande anomuthi ukuze angabi nalo uvalo lokuchitha igazi.Umphakathi wakule ndawo usukhethe ukuzibambela mathupha ubambisene namaphoyisa ukunqanda lesi sihlava.
Oyilungu lohlaka, Abaqondisi, olulwa nobugebengu nezinye izinkinga endaweni, uMnuz Sibusiso Khoza, uthe ngoMsombuluko odlule, bathole inqwaba yezikhali kubafundi.
“Emva kokuthola ngesigameko sokugwazwa komfundi ngoLwesihlanu, sihambile saya ezikoleni, sayosesha izingane. Sithole ocelemba nemimese,” kusho uKhoza.
Uveze ukuthi alukho olutheni olubangwayo, ngukuganga kwezingane ezifuna ukubeka iphuzu ngokuthi yiqembu elithile ngelikhonyayo esikoleni nasendaweni.
Uthe kokunye kuyenzeka ubudlova buqalwe yilabo abafuna ukuqonywa ngenkani yizingane ezingamantombazane.
“Yimbi le nto ngoba lezi zingane silindele lukhulu kuzo ngoba zingabaholi bakusasa. Yikho sithe asihlangane siwumphakathi sisebenzise izinhlaka zomphakathi ezivele zikhona endaweni ukuthi silwe nalesi sihlava,” kusho uKhoza.
Ubuye waveza nokuthi umphakathi uyile emzini wesalukazi esisolwa ngokunika izingane amabhande anomuthi,sakhuzwa.
“Kuthiwa zithi uma sezigwazene izingane, zihambise kuse izikhali ezizisebenzise ukwenza lobu bugebengu, ziyosikhombisa igazi labagilwa. Kuwudinile kakhulu lokhu umphakathi, wahamba wayogcwala khona, basixwayisa ukuthi le nto esiyenzayo asiyiyeke ngoba izobhebhethekisa udlame olungenasidingo emphakathini,” kusho uKhoza.
Unina wengane egwaziwe ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa, uthe siyabakhathaza lesi sihlava esiqhubekayo emphakathini.
“Asazi ukuthi izingane zethu zizophephelaphi ngoba ziyahlaselwa,” kusho umzali.
Uveze ukuthi ingane yakhe bekungokwesithathu ihlaselwa.
“Bebelokhu bemshaya kuphela kodwa kulokhu bamgwazile. Unamanxeba amathathu ekhanda nelilodwa ethangeni,” kusho umzali othe ingane yakhe ihlale isonto esibhedlela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe izikhali aziphumi ezikoleni, ziphuma emphakathini.
“Uthini umzali ingane iphuma nesikhali uma iya esikoleni? Bayazibheka yini izikhwama zezingane njalo uma ziphuma ekuseni?” kubuza uMthethwa othe, yize kukhona okwenziwa yizikole njengokufaka onogada nokubiza amaphoyisa uma kusuka uthuthuva ezikoleni kodwa abantu okufanele babambe iqhaza ngabazali.