UFUNA kuvele ukuthi ligcine liphelelaphi ilungu lawo umndeni wesitshudeni okuthiwa sinyamalale ngaphandle kwendawo yokucima ukoma, iParadise Action Tarven, enkabeni yeTheku ngasekupheleni kuka-Ephreli.
UMnuz Siyanda Shazi (26) okuthiwa ubenza unyaka wokugcina kwiTourism Management eDurban University of Technology (DUT) kuthiwa ugcine ukubonwa ngo-Ephreli 27 eshaywa ngabaqaphi bendawo.
Ngosuku anyamalale ngalo kuthiwa uqale washaywa ngaphakathi kule ndawo, wabanjwa ngesidlozane, wakhishelwa ngaphandle.
Uyise wesitshudeni, uMnuz Phakama Shazi othe bangabokudabuka eMpangeni, uthe bathole ngo-Ephreli 29 ngabangani bakaSiyanda okuthiwa ubehlala nabo endaweni ehlala izitshudeni, enkabeni yeTheku ukuthi unyamalale emva kokuhlaselwa, kade ehamba nabo.
“Basitshela ukuthi basithungathe ngoba besola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokunyamalala kwakhe. Bathi ngosuku lwesigameko, oyedwa wabo wathi uzama ukuphuma eyomlamulela kuma-bouncer, ambamba ambuyisela ngaphakathi, amxwayisa ukuthi angalinge ayingene,” kusho uShazi.
Uthe ubatshele ukuthi wabuye waphuma emva kwemizuzwana ukuyobheka ngaphandle ukuthi kwenzakeni ngendodana yakhe kodwa wafica sekukhala ibhungezi, kungasacaci ukuthi isiphelelephi.
Ukhale ngokungalutholi usizo olufanele.
Uveze ukuthi uqale wehla enyuka emaphoyiseni, kungacaci ukuthi yisiphi isiteshi esizimisele ngokumsiza phakathi kwesisemgwaqweni uBroad neDurban Central.
Uphinde waveza ukungagculiseki ngendlela indawo yokucima ukoma elusingathe ngayo udaba.
“Le ndawo inamakhamera, ngaphakathi nangaphandle. Sithe uma sifika khona ngo-Ephreli 30, abasebenzi bakhona bala baphetha ukusivulela amakhamera, bathi umnikazi wendawo akekho nokhiye wasegumbini okubukwa kulo amakhamera,” kusho uShazi.
Uthe kwale ngisho sebefika nephoyisa, nakhona abasebenzi babeka izaba ezingezwakali, nephoyisa nalo langasho lutho abasebenzi bedembesela ukuvula igumbi lamakhamera.
“Kukhona ngisho amakhamera omgwaqo, asingethwe wumasipala, kufanele ngabe kubhekwa nawo ukuthi kwenzekani. Kucace uma kukhona imoto eyafike yama yayithatha (indodana) emva kokuhlaselwa,” kusho yena.
Uthe bazamile ukumbheka uSiyanda kwezinye zezibhedlela, emakhazeni kahulumeni nasezitokisini kodwa akukho abakutholayo.
Umngani owayekhona ngosuku lwesigameko, ocele ukungadalulwa uthe wazibonela kuhlaselwa uSiyanda kodwa kwaba nzima ukumsiza ngoba naye wawathola amachaphazelo okushawa ngama-bouncer.
“Ngagcina ngibuyela endaweni ehlala izitshudeni ngedwa. Ngaya egumbini lakhe ngangqongqoza kodwa kwangaphendula muntu. Ngahamba ngayolala ngizitshela ukuthi usefike walala. Ngabuyela khona ekuseni, ngayobheka kodwa isitshudeni ahlala naso sangitshela ukuthi akabuyanga ngayizolo ebusuku, yilapho engiqale ukufuna umndeni wakhe,” kusho isitshudeni.
Umnikazi wendawo, iParadise, uMnuz Edward Sodo uthe: “Akungiphathi kahle ukuthi kube khona ingane okuthiwa inyamalele. Kuthe uma ngizwa kuthiwa bekufike amaphoyisa, ngabuza kubasebenzi ukuthi kwenzakani ngosuku lwesigameko,” kusho uSodo.
Uthe uthole ukuthi kuyashayisana okushiwo wumndeni ngoba abasebenzi bamtshele ukuthi isitshudeni sakhishwa nabo abangani baso emva kokuthi sibulale amabhodlela sigwaza abantu ngaphakathi, okukhona kubo nabangani baso.
“Umthetho uthi awumkhiphi umuntu yedwa, umkhipha nalabo ahamba nabo ngoba uma umkhipha yedwa uzothola ukuthi imali yakhe yokugibela ikulaba obashiya ngaphakathi ngakho bakhishwa bonke,” kusho uSodo. Ungeze ngokuthi noma yinini uma amaphoyisa uma efuna okuqoshwe amakhamera ukuze kuvele ubufakazi ngokwenzeka, azonikezwa.
Isolezwe libuyela kumngani kaSiyanda, uthe usamile emagameni akhe ngokwenzeka.
“Into ezoqeda umsindo wukuthi badedele okuqoshwe ngamakhamera, kuvele iqiniso lokwenzeka,” kusho umngani.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwa yona ngalolu daba.