BAKHOLWA ngukuthi izigelekeqe ezingahambisani nombhidlango wokulwa nobugebengu emphakathini, zinesandla ekubulaweni kwamalungu amabili ophiko olulwa nobugebengu eNtuzuma, eThekwini.
Inhlangano iNeighbourhood Crimewatch enonyaka yasungulwa, ilahlekelwe wuMnuz Tsidi Mloyi ngoLwesine emva kokuthi ehlaselwe amadoda ayisihlanu abehlome ngezibhamu okuthiwa agasele kwakhe afike amdubula.
UMloyi ongowase-GX eNtuzuma ubengusuhlalo wenhlangano endaweni. Washonela esibhedlela ngosuku ahlaselwa ngalo emva kokuphuthunyiswa khona enamanxeba okudutshulwa.
Kulesi sigameko kuthiwa ababili babahlaseli babanjwa ngamalungu omphakathi maqede abashaya kanzima, kwaphetha ngokuthi oyedwa wabo ashonele emtholampilo waKwaMashu, iPoly.
Esigamekweni esenzeke khona futhi eNtuzuma, kubulawe usihlalo wenhlangano esigcemeni esehlukile ebuya ukokwenza wona umsebenzi wokulwa nobugebengu.
UMnuz Bheki Nkabinde, kuthiwa ubulawa nje, inhlangano yayikade igasele esikoleni sendawo, iSenzokwethu High ukuyosesha izidakamiswa nezikhali kubafundi.
Ngalolu suku kuthiwa kukhona umfundi kaGrade 10 owasabisa ngokuthi uzothumela abafowabo babhekane ngqo noNkabinde emva kokuthi emseshe ngenkani engafuni. Kuthiwa kulo mfundi kwatholakala izidakamizwa ngesikhathi uNkabinde emsesha.
Usihlalo wenhlangano eThekwini, uMnuz Andile Jali, uthe kuyabakhathaza ukuhlaselwa kwamalungu enhlangano.
“Siyakholwa ukuthi laba abasihlaselayo ilabo abangahambisani nalokhu esikwenzayo. Ngoba uma ulwa nobugebengu, izigebengu nakanjani angeke ziyithande into oyenzayo,” kusho uJali.
Uthe umoya abawutholayo emphakathini owokuthi abenzi bobubi ababodwa futhi bavela KwaMashu naseNanda.
Uphinde wathi bayasola ukuthi lezi zigameko zihlobene.
Uthe ngoba ngesikhathi befisa ukuthi kwenzeke ubulungiswa ngokubulawa kozakwabo abebengaqonde lutho olubi kodwa abebelwela ukuthi kunciphe ubugebengu emphakathini, bayafuna ukuthi kube khona ukusebenzisana phakathi kwenhlangano yabo namaphoyisa ophiko lwe-SAPS nawoMkhandlu weTheku.
“Ngesikhathi sizoyosesha esikoleni eSenzokwethu, sawacela amaphoyisa ukuthi asiphelezele, athembisa. Kodwa ngosuku esaya ngalo kulesa sikole awazange afike, sagcina sisesha sodwa. Siyakholelwa ukuthi ukube ayefikile azosesha kanye nathi, ngabe alisongelwanga umfundi ilungu lethu futhi siyakholwa ukuthi ngabe alibulewe,” kusho yena.
Uthe ngale kokuhambela izikole beyosesha abafundi, babuye bagxile kakhulu ekuqapheni ukubugebengu emphakathini ngokuthi babeyihlo eduze kwemiphakathi abayakhele, baphinde baqaphe ubugebengu bokudunwa nokuntshonthwa kwezimoto,” kusho yena.
Uveze ukuthi le nhlangano yasungulwa khona eNtuzuma kodwa isisabalele nakwamanye amalokishi afana naKwamashu, Inanda noMlaza.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engatholakali ukuphawula ngodaba.