UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa wasoShabeni ePort Shepstone odutshulwe wabulawa lapho abeqashe khona kulandela ingxabano abe nayo nabesilisa abathile endaweni yokucima ukoma.
UMnuz Nkanyiso Mbhele (27) kuthiwa udutshulwe umuntu ongaziwa ofike wazomhlasela emqashweni wakhe eMthwalume ngoLwesihlanu esaxoxa ngesigameko sasendaweni yokucima ukoma.
Unina, uNkk Lindeni Cele echaza ngokuthiwa kwenzeke ngosuku lwesigameko, uthe batshelwe ukuthi umufi wayekade ephumile waya endaweni yokucima ukoma kwaba khona ukuxakazisana nabesilisa abathile.
“Kuthiwa oyedwa wabo wambiza ngesita****. Kwathi uma kumdina uNkanyiso lokho, wamshaya lona wesilisa, owagcina esemhlanganyela nalabo ayenabo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba wabashaya wabehlula,” kusho uNkk Cele.
Uthe ngesikhathi umufi esehamba ebuyela ekhaya, owesilisa owambiza ngegama angalithandanga, wakhuluma amagama asongela umufi.
“Kuthiwa wathi ngeke yena ashawe isita****, usaya kubo uyotshela abakubo ngesigameko,” kusho uNkk Cele.
Uveze ukuthi umufi wafika emqashweni wakhe waxoxela aqashe nabo ngesigameko.
Uqhube wathi bathi waphuma umufi waya endlini yakhe wathi usayophuza amanzi uyabuya.
“Kuthiwa kwathi ebuya, kwavele kwahamba ugesi, bafuna ikhandlela lokukhanyisa. Kwathi kusenjalo, uNkanyiso wathi uvala umnyango, engaphakathi, kwaba khona owesilisa, owuphushayo, ewuvula engaphandle maqede wangena ngaphakathi,” kusho uNkk Cele.
Uthe uye lona wesilisa okuthiwa wadubula umufi.
“Kuthiwa wamnyakazisa ngisho esewe phansi. Okusho ukuthi wayefuna ukuqinisekisa ukuthi umbulale ngempela,” kuqhuba uNkk Cele.
Uthe sibashiye namanxeba isigameko futhi bafuna ubulungiswa.
“UNkanyiso thina asazi ukuthi ubeyisita**** ngoba ubenanengane eneminyaka eyisithupha. Esikwaziyo thina ukuthi ubewuhlobo lomuntu ozithanda kakhulu. Asazi noma yikho lokho okumdonsele amanzi ngomsele,” kusho uNkk Cele.
Uphethe ngelithi noma ngabe ubeyikho lokhu abebemchukuluza ngakho, besingekho isidingo sokuthi bambulale ngezinqumo zakhe.
Uthe bafuna ubulungiswa aboshwe umenzi wobubi abakholwa ukuthi ilo agcine ukuxabana naye waze wamsongela.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.