UFUNA izimpendulo umndeni wephoyisa laseMzumbe, ePort Shepstone, okuthiwa lidutshulwe labulawa ngamanye amaphoyisa ngoMgqibelo.
Isigameko esidlule nomphefumulo kaSergeant Madoda Sikhakhane (41) kuthiwa senzeke emgwaqweni uR56 eKokstad.
Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Muzi Sikhakhane, umufi uhlaselwe ehamba ngemoto yakhe, elibangise esiteshini samaphoyisa iFranklin, lapho esebenza khona.
USikhakhane uthe okubaxakile ngesikhathi befika endaweni yesigameko indlela amaphoyisa asolwa ngokumdubula ayenolaka ngayo, uma bethi bayasondela esidumbini sikamufi.
“Angixoshe kwaze kwaba kane ngithi ngizama ukusondela ngiyobheka isidumbu somfowethu,” kusho uSikhakhane.
Uveze ukuthi uze wakwazi ukusondela kuso ngesikhathi sekufika abemoto ethatha izidumbu nokuyilapho abone khona into eshiya emibuzo nathe ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda.
“Ubewe ngobuso, ebukeka enenxeba lokudubuleka emva kwendlebe. Esandleni sokunxele ubephethe uswidi, kwesokudla ephethe iselula sakhe,” kusho uSikhakhane.
Uthe lokhu kubashiya nemibuzo ngoba ngokwamaphoyisa amdubulile, athi abezama ukumumisa, engami, akwangagcina lapho, wawadubula, yikho ebuyisele kuye ngenhlamvu, ambulala.
“Udubula kanjani umuntu ephethe uswidi neselula ngezandla?” kubuza uSikhakhane.
Uthi olunye ulwazi abalutholayo ukuthi amaphoyisa abulale umfowabo kuthiwa ayevela eMnambithi, ethole umkhondo wemoto ethi ayifane nekamufi okuthiwa athi yayithwele izidakamizwa.
“Okusixakayo ukuthi ahlulekile ukunikeza ngezinombolo zayo ezigcwele ukuthi kucace ukuthi ekamfowethu imoto ayetshelwe ngayo. Okunye okusixakayo ukuthi nalezo zidakamizwa, awazange azithole emotweni kamfowabo, kunalokho athi afice isibhamu esingekho emthethweni, naso esingakaze sisibone thina,” kusho yena.
Uthe bamangazwe nawukuthi emva kwesigameko, abasolwa bebengafuni amaphoyisa endawo okuyiKokstad neFranklin, asondele endaweni yesigameko.
“Esifuna ukukwazi ukuthi ubani odubule umfowethu, emdubulelani? Bese umthetho uthatha indawo yawo. Bekuwumuntu womthetho lona, obewuthanda umsebenzi wakhe, engakaze atholakale ephutheni, ukuthi abulawe njengesigebengu kusiphatha kabi singumndeni,” kusho uSikhakhane.
Uthe umufi ubesesebenze emaphoyiseni iminyaka engaphezu kuka-15. Ushiye unkosikazi nezingane ezisencane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseKokstad aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kowesilisa (41) abantu abangaziwa ngoMeyi 20, emgwaqweni uShayamoya ongaku-R617 eKokstad.
“Isidumbu sakhe sitholwe silele eduze kwemoto yakhe. Isibhamu sakhe naso sitholwe endaweni yesigameko kanti akukaboshwa muntu,” kusho uNetshiunda.
Okhulumela i-IPID, uMnuz Robbie Raburabu, uthe bayazi ngesigameko yize bengayanga endaweni yesigameko ngenxa yokuba kude kwendawo esenzeke kuyo.
“Kodwa abaphenyi bethu bazobuye bayibuyekeze indawo yesigameko bese bephenya ngesigameko sokudubula,” kusho uRaburabu.
Khonamanjalo: UNetshiunda ubuye waqinisekisa ukuthi amaphoyisa aseTownhill, eMgungundlovu, aphenya icala lokubulala ngokungenhloso kulandela isigameko sokushayiswa kwephoyisa kuN3.
“Kuthiwa lishayiswe iloli. Imbangela yengozi isaphenywa amaphoyisa,” kusho uNetshiunda.