UKHALA ngokungalethwa kwezidingo zomphakathi okukhona kuzo namanzi umndeni wengane enonyaka eshe nendlu ngempelasonto eGamalakhe, ePort Shepstone.
UPhelokuhle Sikotoyi (1) ushe ngoLwesihlanu, emva kokugqamuka komlilo endlini abelaliswe kuyo unina kade eqeda ukumgeza.
Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuthi lingadalulwa, eligxeke ikhansela lendawo elingasebenzi, lithe ngosuku lwesigameko unina kamufi, uNksz Thuli Sikotoyi, ugeze izingane zakhe ezimbili ezilamanayo maqede wazilalisa.
Lithi le endala eneminyaka emithathu ayizange ivume ukulala kodwa ivele yamlandela ngesikhathi esaye esihlotsheni esiseduze ukuyoboleka isitofu.
“Ngaleso sikhathi ugesi ubuhambile futhi bese kuphele isikhathi eside uhambile. UThuli ugijima uya esihlotsheni ukuyoboleka isitofu nje, wenzela ukuthi uma ubuya ugesi apheke,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe uthe ebuya, wafica omakhelwane sebethe mbo endlini abelalise kuyo uPhelokuhle, kushunqa intuthu.
“Bazame ukucisha umlilo ngamanzi awubala ababewathatha ezindlini kodwa kwasho ukuthi umlilo unamandla, udinga amanzi amaningi. Yasha indlu nengane phakathi. Abantu akukho ebebengakwenza amanzi engekho,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe ukube ikhansela beliqinisekisa ukuthi banawo amanzi endaweni ngabe ayifanga ingane ngoba abantu basheshe babona ukuthi kuyasha, lathi indaba yabo yokungabi namanzi yinto esiqhubeke iminyaka. Lithe ngisho namaloli lawa athunyelwayo ukuhambisa amanzi emiphakathini ewantulayo, yinto abangayazi.
Ilungu lomndeni lithe basola ukuthi umlilo udalwe ukubuya ngamandla kukagesi emva kokuhamba kwayo njengoba kuqhubeka uhlelo lokucishwa kwawo ngenhloso yokuwonga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseGamalakhe avule idokodo lokufa komuntu kulandela isigameko sokusha kwengane nendlu.
“Kuthiwa ingane ibingaphakathi endlini ngesikhathi kuqala umlilo. Ishonele endaweni yesigameko kanti imbangela yomlilo ayikaziwa,” kusho uConst Ngcobo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwekhansela ayiphumelelanga njengoba ucingo belungabanjwa.