BAFUNA uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal umthathele izinyathelo ezinqala uthishanhloko waseQhawe Lesizwe Combined, eSwart-Mfolozi, abazali abakhala ngokuthi wehlisa izinga lemfundo kulesi sikole.
Phakathi kwezinto abakhala ngazo ngukuhamba kothisha abanamava, kushiywe abambalwa bese bebhekana nenkinga yokuba nomsebenzi ongaphezu kwamandla abo.
Bathi lokhu sekuholele ekutheni uthishanhloko afake ababelethelwe ukuzolekelela othisha kulesi sikole, ukuthi bafundise unomphelo.
Omunye umzali uthe kuyabakhathaza lokhu ngoba abajoyine isikole bengabalekeleli bothisha kabanawo amava alingana nawothisha abakhonjwa indlela kulesi sikole.
“Isikole sincishelwa yizingane ngenxa yokungahambisi kwakhe ngendlela efanele. Kwaphoqa uMnyango ukuthi unciphise isibalo sothisha esikoleni. Njalo uma kwenzeka lolu hlelo lokuhanjiswa kothisha, uvele atomule kulabo abanamava, osekunesikhathi bafika esikoleni, ashiye laba abasebasha emsebenzini,” kusho umzali.
Uthe isimo sibi ngendlela yokuthi bathole ukuthi uGrade 1 ufundiswa ngowesifazane owafika esikoleni ngesikhathi kubhoke iCovid-19 ukuthi azohlola izinga lokushisa ezinganeni.
“Uzifundisa kanjani izingane zethu umuntu owafika ezohlola izinga lokushisa kuzona? Uzithathaphi iziqu zokufundisa?” kubuza umzali.
Uthe kunamabanga anezifundo ezingakaze zifundiswe okubalwa noGrade 12.
“Njengoba kuqala ukubhala, u-matric owenza iMaths nePhysical Sciences, asazi bazobhalani ngoba abakaze babe nothisha selokhu kuqale unyaka,” kusho umzali.
Uthe kunezifundo ezifana ne-Economic and Management Sciences (EMS) ezifundwa emabangeni aphansi, zona sekunonyaka wonke zingafundwa kulandela ukuhamba kothisha ababezifundisa maqede kwangatholakala indlela yokuthi kuvalwe lezo zikhala.
Uthe bafuna uMnyango ezingeni lesifundazwe uphenye bese uthatha izinyathelo.
Omunye uthisha ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa, uthe nabo bakhathazekile ngesimo esiqhubekayo esikoleni. Uthe akusebenzeki nothishanhloko ngoba akaboniseki futhi unezintandokazi zakhe.
Uqhube wathi le ndlela yokuphatha iyabahlukumeza emoyeni futhi kukhona othisha asebebuya ezibhedlela, begula ngenxa yokungaphatheki kahle.
Uthe nezinga lokuphasa, kuka-matric lehla minyaka yonke ngoba bayasindwa, kubuye kube khona izifundo ezingafundwa, nakho okunomthelela ongemuhle ekwehleni kwemiphumela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe sebeluthumele kumqondisi omkhulu udaba.
“Lezi zinsolo zibucayi futhi sizithathela phezulu. Sizolinda umbiko ngawo wonke amaphuzu avelayo.”