UKHALA ngokuhlukunyezwa wosomatekisi abangaphansi kukasoseshini waselokishini laseMpumalanga iHammarsdale umphakathi wakule ndawo, uma behamba ngababili kungowesilisa nowesifazane kuthiwe abaqabulane uma bethi bayathandana.
Kuthiwa osomatekisi benza lokhu emuva kokwenyuswa kwemali yokugibela ekupheleni kukaJulayi nonyaka.
Ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe baqale ngo-Agasti ukuhlukunyezwa wosomatekisi uma beyogibela ibhasi lendawo. Abasizana ngokugibelisana emotweni, baphoqwa ukuba baqabulane uma beke bathi bayathandana.
Lithi esigamekweni esenzeke ngoLwesine, bebegibele ibhasi obekufanele libehlise KwaWebber kodwa lagcina liyobathulula ngasePinetown.
“Sigibele ibhasi ezitobhini zethu ngasemakhaya. Sithe uma sekufanele sehle KwaWebber, baqhamuka osomatekisi nezinhlokohlela zezibhamu, basihlohloloza basiphindisela ngaphakathi ebhasini,” kusho umgibeli.
Uthe batshele umshayeli ukuthi akashaye ibhasi ibheke ePinetown. “Bebehambe bemqhuba ngezimoto zabo ngemumva, baze bajika sesihambe ibhanga elide kuthelawayeka uN3,” kuchaza umgibeli.
Uveze ukuthi ngenxa yalokhu ufike sekwedlule eside isikhathi emsebenzini.
“Sihlukumezekile. Ibhasi siligibela ngoba lona lishibhile. Asazi ukuthi uma sehliswa kulona kuthiwa asenze njani ngoba asinayo imali yokukhokhela amatekisi,” kusho umgibeli.
Uveze ukuthi ibhasi libiza u-R15, kanti itekisi yona ingu-R18. Wathi indawo yaKwaWebber, iseduze kangangokuthi abanye bayakwazi ukuhamba ngezinyawo.
Umunye umgibeli uveze ukuthi isihlobo sakhe sike sabhekana nenkinga yokuthi kuthiwe asiqabulane nomakhelwane waso obesigibeze emotweni yakhe.
“Ngendlela abanesihluku ngayo, bayabehlisa abantu ezimotweni uma behamba ngababili. Uma bemisa imoto, bethola owesilisa nowesifazane babuza ukuthi bayathandana yini, ngokwesaba ukwenzakaliswa abantu baye bavele bavume, bengazi ukuthi sebezifaka obishini lokuthi baphoqwe ukuthi baqabulane ngenkani ukuqinisekisa ukuthi bathandana ngempela,” kusho umgibeli.
Ubuye waveza ukuthi kuhlukunyezwa nabahamba ngezimoto nezingane zabo ezifunda isikole. Uthe ziyehliswa izingane kuthiwe aziyogibela izimoto zomalume.
“Sicela iSantaco ingenele. Siyahlukunyezwa, sihlohlolozwa ngezibhamu kuthiwa asiye ematekisini esingenayo imali yokuwakhokhela. Sisebenza emafemini, asiholi mali etheni,” kuzikhalela umgibeli.
Okhulumela inhlangano yosomatekisi iSantaco, uMnuz Sfiso Shangase, uthe amalungu omphakathi anelungelo lokugibela noma iyiphi imoto ethutha umphakathi asithandayo eNingizimu Afrika.
Unxuse ukuthi kube khona ububambisana phakathi kosomatekisi umphakathi nezinye izinhlaka zomphakathi.
“Siyaqonda ukuthi isimo somnotho kasisihle kuwo wonke umuntu yingakho sinxusa ukuthi uma kukhona izimo ezifana nalezi makube khona ukubonisana phakathi komphakathi kanjalo nobuholi behhovisi likasoseshini wendawo, abaxoxe, bahlangane phakathi nendawo ngenselelo yokwenyuka kwemali yokugibela,” kusho uShangase.
Uthe osomatekisi bakhetha ukuthi amatekisi bawenyuse kanye ngonyaka yize uphethroli nodizili kwenyuka kaningi.
Uthe ngalokhu basuke bezama ukuthi kungazweli kakhulu kubagibeli nokuthi nabo bakwazi ukukhokhela amatekisi abo emagaraji, bakhokhele abashayeli, bafake nophethroli nodizili.