UBUHOLI babafundi eDurban University of Technology (DUT) bukhala ngokungabi bikho konogada endaweni ehlala abafundi eMbilo, okugwazwe kuyo kwafa umfundi uMnuz Nkosinathi Mkhize muva nje.
UMkhize kuthiwa ubehleli nabangani bakhe ngasemasangweni akule ndawo ngesikhathi ehlelwa yileli lishwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCons Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa aseMbilo aphenya icala lokubulala. Eqhuba uthe ngokombiko otholwe ngamaphoyisa, uMkhize ube nengxabano nomunye omfundi ngaphambi kokuba agwazwe.
“Amaphoyisa aseMbilo aphenya icala lokubulala ngemuva kwesehlo sokugwazwa komfundi wasenyuvesi eseThekwin, okwamanje uphenyo lusaqhubeka,” kusho uConstable Ngcobo.
Umengameli wenhlangano yabafundi eDUT, uMnuz Sanele Khumalo, uthe ngesikhathi behambele kule ndawo ehlala abafundi, beyokuzwa ngalesi sigameko, bathole izikhalazo kubafundi ngokungabi khona konogada.
UKhumalo uthe abanye babafundi bezwile ngesikhathi umufi egwazwa kodwa bangakwazi ukumsiza.
Uthe kule ndawo akukho ngisho amakhamera abezosiza nasophenyweni lwamaphoyisa.
Okhulumela lesi sikhungo, uMnuz Alan Khan ukuqinisekisile ukuthi uMkhize uphangalale ngemuva kwengxabano abe nayo nomunye wabafundi. Uthe konke sebekubeke ezandleni zabomthetho.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, ebanganini nakozakwabo. Uphenyo lokubulala luyaqhubeka esiteshini samaphoyisa aseMbilo,” kuchaza u-Alan.
Lesi yisigameko sesibili sokufa komfundi e-DUT, Isolezwe like labika ngokuthi uMnuz Siyanda Shazi (26) obenza unyaka wesithathu ezifundweni zeTourisim Management, isidumbo sakhe satholakala emakhazeni kahulumeni e-Phoenix ngemuva kokulahleka.
Unina kaSiyanda odabuka eSikhaleni, eMpangeni, wathi indodana yakhe yagcina ukubonakala endaweni yokucima ukoma eParadise Action Tavern ngasemgwaqweni uSt Georges.