Abasebenzi bezinkampani ezizimele ezifakela umasipala ugesi, babuthane eBlue Lagoon ngoLwesihlanu ekuseni, bamasha behambisa incwadi enohlu lwezikhalo ehhovisi lemeya eCity Hall.
Bakhala ngokusebenza ngogesi noma lina izulu bathi akwenziwa ngabasebenzi bangaphakathi kuMasipala weTheku.
Bathi uma bengayanga emsebenzini abaholi, kuqiniswa isandla uma beshushiswa benamacala futhi akucaci ngekusasa labo emkhandlwini okhala ngokwentula imali.
Okhulumela abasebenzi uMnuz Monwabisi Sibiya uthe akekho umsebenzi kagesi ngaphansi kwezinkampani ezizimele obesebenza ngoLwesihlanu.
USibiya uthe bayahlukunyezwa futhi kunencwadi eputshukile ehlongoza ukunqanyulwa kwezinkontileka zabo okuzoholela ekutheni kuphele imisebenzi engaphezu kwenkulungwane.
“Kunabasebenzi abahlezi emakhaya ngoba umkhandlu uthi awunayo imali yokubakhokhela ekubeni umphakathi ufuna ukulungiselwa ugesi. Kunqanyulwa izinkontileka zethu futhi imigomo yokusebenza kwethu iqinile kuneyabasebenzi bakagesi abangaphakathi emkhandlwini. Siyaxhaphazeka ngoba asinanyunyana ezosikhulumela,” kusho uSibiya.
Uveze ukuthi bahlezi ekhaya abasebenzi bophiko olubhekele ukufundwa kwamamitha ngoba umkhandlu uthi awunayo imali yokubakhokhela.
“Lokhu kwenza umkhandlu ungakwazi ukuqoqa imali kulabo abasebenzisa ugesi mahhala. Ekugcineni kuzophela imisebenzi ngoba kuthiwa ayikho imali yokusikhokhela,” kusho uSibiya.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela uthe umkhandlu uyitholile incwadi enohlu lwezikhalo ebivela kulaba basebenzi.
“Sizoyifunda bese siyaphendula uma sesiyifundile,” kusho uMayisela.
UMnuz Mluleki Mntungwa ongumkhulumeli weMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe imeya ayifikanga ukuzokwamukela incwadi ngoba ibingazi ngale mashi nangezikhalo abanazo.